Inyukela kwesinye isigaba i-loadshedding

325

THANDOLUHLE NGUBO

UNGQONGQOSHE kaGesi, uDkt Kgosientsho Ramokgopa, uveze ukuthi isizathu sokukhuphukela esigabeni sesibili sikagqamcishi (load shedding) namhlanje ntambama, kungeminye yemizamo ye-Eskom yokonga udizili osetshenziswa uma kuphehlwa ugesi. 

Ukusho lokhu namuhla ngoLwesibili ngesikhathi ehlangene nosomabhizinisi eDurban Exhibition Centre, eThekwini.

“Udizili ubiza kakhulu. Ngosuku sisebenzisa olinganiselwa ku-R110 million, okwenza kube wu-R9,8 billon ezinyangeni ezintathu. Lokho kuyawulimaza nomnotho wezwe. Yikho-ke namuhla ntambama siwelela esigabeni sesibili. Akukhona ukuthi kasiphehli ugesi owanele, kodwa sikhethe ukonga imali ngokungasebenzisi udizili,” kusho uRamgkgopa.

Uqhube ngokuthi yingakho umnyango wakhe usezinhlelweni zokushintsha iziteshi ezisebenzisa udizili ukuze zisebenzise igesi ukuphehla ugesi. Uthe ukusetshenziswa kukadizili kuzokwenzeka kuphela uma kuphoqa isimo, njengokwehlisa izigaba zikagqamcishi. Uveze ukuthi umnyango wakhe uxoxa nezinhlangano ezikhiqiza igesi ukuze uhwebelane nazo, wathi zikhona nezinye izindlela ezisotshenziswa ukukhiqiza ugesi, okubalwa kuzo nokufakwa kwama-solar.

“Sihlela ukuthatha intsha ewu-25 000 engasebenzi, siyifundise ukwakha, wukufaka nokunakekela amasola. Lolu hlelo seluphasisiwe njengoba sekubekwe u-R2 billion wokuluqhuba, luzokwethulwa ngokusemthethweni emasontweni amabili noma amathathu ezayo,” esho. 

Previous articleEzimbi ngomdlali weDowns
Next articleZizodlana imilala ngoNhlaba okhethweni lwalo nyaka