IPhalamende lizokwazi ukuthatha izinqumo “ngaphandle kwamalungu eMK”

156

INTATHELI YELANGA

LIZOKWAZI ukuqhubeka nokusebenza – lithathe izinqumo – iphalamende noma ngabe kuthiwa amalungu awu-58 oMkhonto Wesizwe Party (MKP) aqoma ukuduba njengoba umholi waleli qembu, uMnu Jacob Zuma eke wayithi hloko eyokuthi kungenzeka bangalubhadi kulesi sisakhiwo ngenxa yokungeneliseki ngemiphumela yokhetho obelungoLwesithathu olwedlule. 

Ekhuluma eNkantolo eNkulu yaseGoli ngoMsombuluko, uMsholozi uthe iqembu lakhe lingase lingalubhadi ephalemende njengendlela yokuzwakalisa isikhalo salo ngemiphumela yokhetho. “Sibaxwayisile (i-Independent Electoral Commission), basishaya indiva. Singase singayi ephalamende. Asifuni ukuya khona singaphelele ngoba sirojiwe,” kusho uZuma. 

Ukungayi koMkhonto ePhalamende ngeke kuholele ekutheni singahlangani isibalo esidingekayo ukushaya imithetho. Ngokwesahluko 4, isigaba 53 soMthethosisekelo, iPhalamende, lingaqhubeka lihlale ngoba wu-1/3 ka-400 wamalungu alo okufanele avotele ukuthathwa kwezinqumo mayelana nomthethosivivinywa othile. Lokho kusho ukuthi kudingeka amalungu awu-133 ukuthatha izinqumo. 

UMthethosisekelo ucacisa nokuthi u-1/3 wamalungu ephalamende kumele ubekhona ngaphambi kokuba kuvotelwe ukuchitshiyelwa komthethosivivinywa othile.  Kuqubuka lolu daba nje, kulindeleke ukuba iphalamende liqoke umengameli maduze nje emuva kokhetho. 

Ngokwalesi sibalo esidingekayo, kusho ukuthi iphalamende lingakwazi ukuqoka umengameli ngaphandle kwamalungu eMKP njengoba amanye amaqembu akha izihlalo eziwu-342. I-ANC ineziwu-159, iDA ziwu-87, i-EFF ziwu-39, i-IFP ziwu-17iPA ineziwu-9, iFF+ ziwu-6, i-ActinSA ziwu-6, i-ACDP ziwu-3, i-UDM ziwu-3, i-ATM ziwu-2, i-Al Jama ziwu-2, iBosa ziwu-2, iNCC ziwu-2, iRIRE ziwu-2, iGOOD sisodwa, iPAC sisodwa ne-UAT sisodwa.

Previous articleUnikwe ibheyili kwelenkohlakalo wesula kwesokuba ngungqongqoshe
Next article6 JUNE 2024