Iphenduke ikwajombigazi iKZN kuqothwa inqwaba yabantu

990

Bangaphezu kuka -20 ababulewe ezigamekweni ezahlukene

THANDEKA NGOBESE
noSKHOSIPHI MTHEMBU


IPHENDUKE ikwajo-mbigazi iKwaZulu-Natal ngempelasonto kubulawa abantu abangaphezu kuka-20 ezigamekweni ezahlukene, kusukela ngoLwesihlanu. Phakathi kwezigameko ezenzeke kule mpelasonto, kubalwa esenzeke emzini wakwaMlambo, eSigcakini, eRichmond lapho kudutshulwe kwabulawa abantu abawu-8 kwathi ababili, okubalwa kubo nona-14 weminyaka ubudala, balimala kanzima. Kusolwa izidakamizwa kulesi sigameko. Kuthiwa kugasele abantu abangaziwa bavulela ngenhlamvu. Kulesi sigameko kufe uMnu Sihle Mbambo (24) uMnu Nqobani Nzimande (23), uMnu Syabonga Nzimande (22) nguPhilasande Mtolo (15), uMxolisi Mtolo, uSihle Mtolo, uThandiwe Vezi noMohamed Omar (41).

Kubikwa ukuthi bonke abafi bashonele endaweni yasigameko. UNkz Bongiwe Nzimande oyilungu lomndeni wabanye babafi, uthe okwamanje abazi ukuthi ngabe yini imbangela yokubulawa kwalaba kodwa basathukile. Utshele ILANGA ukuthi abasho-nile bebehleli kwenye indlu ewurawondi abajwayele ukuhlala kuyona ngesikhathi behlaselwa. “Ngesikhathi kuqala ukuqhuma kwesibhamu, amanye amalungu omndeni abekwamanye amagumbi, acashile. Kasazi ngempela ukuthi bekwenzenjani ngoba nakwabasindile isimo sibi kubona esibhedlela,” kusho yena. Kwesinye isigameko esenzeke ngoLwesihlanu, uConst Thokozani Meyiwa (33), okubikwa ukuthi usebenzela esiteshini esiseMgungundlovu, kuthiwa udubule wabulala inkosikazi yakhe, uNkk Nokuthula Meyiwa (32) emuva kwalokho wabhekisa isibhamu kuyena, wazidubula.


Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Col Nqobile usiqinisekisile lesi sigameko. NgoLwesihlanu ntambama, kudutshulwe abesilisa abawu-6 eMaoti, eNanda, esigamekweni okusolwa kusona izidakamizwa. Kulesi sigameko kubulawe uMnu Mlondi Kunene (25), uQaphelani Mkhovu (20), Mpho Getane (22), uPhilip Hinsa (26), uWandile Fanaphi (17) noLindo Sphambo (22). ILANGA LangeSonto eliyindodakazi yeLANGA, lenabile ngalolu daba izolo. Ngaphambi kokuba kudutshulwe laba, kudutshulwe kwabulawa uMnu Sivuyile Luthuli (30), okuvele ukuthi ubejwayele ukuhlala nabanye balaba ababulewe eNanda. Kwesinye isigameko, esenzeke KwaNdengezi, eThekwini ngoMgqibelo, kudutshulwe kwabulwa uMnu Ntando Sabelo okuthiwa ubehamba nomngani wakhe yena ophuthunyiswe esibhedlela.


NgoMgqibelo kudutshulwe kwa-bulawa uMnu Sibusiso Nkosi esigamekweni esenzeke eMngeni, eThekwini. Abehamba naye ulimale kanzima. UCapt Gwala uziqinisekisile lezi zigameko wathi bekungakaboshwa muntu. Ngokwesitatimende esikhishwe ngamaphoyisa mayelana nodaba lwaseRichmond, kucelwa noma ngabe ngubani ongaba nolwazi ngokuhlaselwa kwabafi ukuba axhumane namaphoyisa ku: 086 0010111. Okhulumela uMnyango wezokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnu Thuba Vilane, uthe
umnyango uyazigxeka kakhulu lezi zigameko, wathi ungqongqoshe walo mnyango, uNkk Peggy Nkonyeni, unxuse amaphoyisa ukuba aphenye kabanzi ukuze kuzoboshwa abasolwa. Uthe lezi zigameko zithusa kakhulu njengoba kwababulewe kukhona izingane nabesifazane. “Siyanxusa ukuba uma kukhona abantu abangaboni ngasolinye ngakho, bahlale phansi bayilungise inkinga,” kusho yena.

Previous articleIntsha ifundiswe umlando ngempi yaseSandlwana
Next articleIChiefs imanqika ngesilomo somgadli