ihlalele ovalweni lokuthi ingase ingabatholi abantwana
JOHN HLONGWA
IHLALELE ovalweni lokuthi kungenzeka ingabe isabathola abantwana intokazi ese-ncane yaseHammarsdale, eMpumalanga, entshonala-nga yeTheku, ethi sekuphele imi-nyaka ingasayi esikhathini ngemuva kokuzibandakanya ezidakamizweni.
Intatheli yeLANGA LangeSonto engumthwebuli ichithe isikhathi noKhethiwe (27), ohlala ezitaladini zasedolobheni eThekwini, baxoxa kabanzi ngempilo yakhe, wachaza nokuthi yini eyaholela ekubeni agcine esehlala ezitaladini zaleli zedolobha.
Utshele leli phephandaba ukuthi uyaluqalekisa usuku athandana ngalo nomlisa mumbe wakuleli lo-kishi odayisa izidakamizwa ngoba ukugcina kwakhe esehlala ezitaladini zeTheku, kusukela lapho.
Le ntokazi ithi iqale ukuhlala ezitaladini eminyakeni emithathu edlule. Ngokusho kwayo, ifike inga-bhemi futhi ingaphuzi. Uma echaza ngesimo sakhe uKhethiwe, ufike-lwa ngumunyu, kuphophoze izinye-mbezi aze afikelwe yisibibithwane. Uthi washonelwa ngabazali ngo-2006 na-ngo-2010, bamshiya nezingane za-kwabo ezintathu, umfana namanto-mbazane amabili.
“Ngathandana nobhuti odayisa izidakamizwa elokishini. Uqale ukungihlukumeza ngokuba angiva-lele endlini angishaye, angafuni ngibonane nabantu ngoba ubekho-lelwa ukuthi uma ngixoxa nabantu ngizogcina ngibaxoxelile indaba yokuthi udayisa, aphinde abheme izidamakamizwa.
“Ngenxa yokuthi ubenesihluku ngibone kungeke kulunge ukuba ngibaleke ngiye ekhaya – bengikho-lwa wukuthi uzofike ahlukumeze izingane zakwethu ezincane kunami. Ngabalekela eMgungundlovu kodwa wangithola ngenxa yokuthi wazana nabantu abaningi. Ngabona ukuthi ayikho iyenzi, kungcono ngize
emgwaqweni ukuze angangitholi.
“Impilo inzima la. Ngivuka eku-seni phansi kwepayipi ngiye ngase-Albert Park lapho kuhlala khona abaningi (abahlala emgwaqweni) ngiyothenga i-whoonga, ngibheme ngoba aluqaleki usuku ungabhemi-le, bese ngiphikelela eCathedral. Lapho kuyenzeka mawunenhlanhla ufice abantu abasuke besilethele isidlo sasekuseni, okuvame ukuba nguMsombuluko noLwesine.
“Isikhathi sasemini sisichitha ngakho ukuba umuntu ehle enyuka, engazi wenzani. Ngifikelwa ubuhlu-ngu uma ngibona osisi abangangami ngomzimba uma bedlula la be-bonakala ukuthi bayazinakekela kodwa mina ngibe ngibhuquza ngi-ngazi nokuthi ngenzani,” kusho uKhethiwe.
Ukuze kuqhubeke impilo uKhe-thiwe uthi ubuye asizwe ngumuntu athandana naye.
“Nginaye umuntu engithandana naye okhanda izitofu emakethe. Uma kwenzekile waba nemali, uyangilekelela. Nabangani bayaphuma ebusuku bayodayisa ngo-mzimba kubekhona abakutholayo, sikwazi ukuphila. Siyazi ukuthi uma abantu besibona sihleli
emgwaqweni bazitshela ukuthi sizi-philela umathanda kanti akunjalo, umthetho udla lubi la.
“Kukhona abasigadile ukuthi si-xoxa nobani ngoba bakholwa ukuthi uma uke waxoxa nomuntu ohla-nzekile kusho ukuthi kukhona into ompotshozela yona ngabo. Kuna-bantu abadayisa i-whoonga la aba-yizikhulu, kubuye kube nemali ekhokhwayo okuthiwa ‘eyesigqoko’.
“Le mali kukhokhelwa ngayo amaphoyisa uma efike athola oku-thile okungalungile,” kulanda uKhethiwe.
Le ntokazi itshele ILANGA Lange-Sonto ukuthi iyafisa ukubuyela ekhaya kodwa iyesaba ukuthi ukubuyela kwayo kuyobeka umndeni wayo kanye nayo engcupheni nje-ngoba lo muntu emesabayo imcha-za njengoyingozi kakhulu. UKhethi-we wafunda waphasa umatikule-tsheni, khona eHammarsdale.
I-whoonga ingakuvala ukuya esikhathini
UDKT Dumisani Zungu oyiGynaecologist utshele ILANGA LangeSo-nto ukuthi impela i-whoonga inga-kuvala ukuya esikhathini ngokuci-ndezela ama-hormone aphathelene nokuya esikhathini.
Uthe angalapheka uKhethiwe abuyele esimeni sakhe uma enga-yeka i-whoonga. Phakathi kwama-hormone athi kungenzeka ukuba athintekile yi-FHS (Follicle
Stimula-ting Hormone); LH (Luteinising Hormone); Prolactin; neGnRH (Gona-dotropin Releasing Hormone).
UDkt Phelelani Zondi oyiCounse-lling Psychologist uthi into evame ukwenzeka wukuthi uma kunomu-ntu omesabayo uze umphuphe
ngisho ebusuku, ugcina unokuci-ndezeleka engqondweni (trauma).
Uthi lokhu kuyamenza umntwana ukuba abaleke ekhaya ukuze lo muntu amesabayo angamboni nhlobo. Futhi lokhu kugcina sekwenza umntwana azithole esengena aze agamanxe ezidakamizweni.
Weluleka abazali ukuba baziqa-phele izingane uma zishintsha indlela ezenza ngayo izinto.
Uthi uma umntwana engaxoxi nawe ungumzali, ungamzamela omunye umuntu oyisihlobo
angaxoxa naye, hleze kukhona angakuveza kuyena ngoba wena mzali usuke ekwesaba.
UKhethiwe akulona igama lakhe langempela. Elakhe siligo-dlile ngenhloso yokumvikela.
hlongwaj@ilanganews.co.za