Iphinde yaphoxa i-Chiefs ihlulwa

385

PHILANI NCALANE

usiphamndla Mtolo weBay FC emakwa nguSamir Nurkovic weChiefs edliwe ngo-2-1.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIXX

SISAZOQHUBEKA isomiso sezinkomishi kwiKaizer Chiefs ephoxe izinkulungwane zabalandeli bayo ihlulwa yiRichards Bay FC ngo-2-1 emdlalweni we-last 32 yeNedbank Cup izolo ngeSonto kusihlwa eFNB Stadium, eGauteng.

Amagoli eBay avalelwe enethini nguThabani Dube ngomzuzu ka-26 noSiyabonga Vilane ngoka-90. EleziMpofana lishaywe nguLeonardo Castro ngomzuzu ka-76. IChiefs isihlulwe amahlandla ayisithupha ngamakilabhu adlala ezigabeni eziphansi kulo mqhudelwano. IBay igijima kwiGladAfrica Championship kanti yona (iChiefs) idlala kwesikhulu.

USiphosakhe Ntiya-Ntiya nguyena oqhubezele usizi lweChiefs kuqala ezicelela ikhadi elibomvu kunondweba ekubeni bebesalandela ngemuva ngegoli elilodwa. IChiefs isikwejwayele ukushaya udaka kulo mqhudelwano njengoba ingene ehlazweni ihlulwa yiTS Galaxy kowamanqamu wale nkomishi ngesizini eyandulela edlule eThekwini. Ngaleso sikhathi iGalaxy ibidlala esigabeni esiphansi njengoba ithenge ilungelo leHighlands Park ngaphambi kokuqala kwale sizini ukuze igijime kwiDStv Premiership.

Ukuhlulwa kweChiefs kusho ukuthi isiphuthwe yizinkomishi ezimbili ezimqoka kule sizini njengoba ihlulekile ukunqoba iMTN8. Kubukeka uqonga umqansa kwiChiefs njengoba ingenzi kahle nasemidlalweni yeligi kwazise ike yabalwa namakilabhu asemngceleni wezembe. 

Nokho-ke abadlali beChiefs kumele bazinuke amakhapha ngokuphuma kulo mqhudelwano njengoba begeje inqwaba yamathuba abebewakhanda. Agqame kakhulu ngelikaSamir Nurkovic, uCastro noLebogang Manyama. IChiefs ikhishwa kulo mqhudelwano nje, yenze izinguquko ezine kuqala isiwombe sokuqala okuyisizile ukuthola igoli lokulinganisa.

* ISwallows FC iqhubekile nokugcina irekhodi layo lokungehlulwa selokhu kuqale isizini inqoba iCape United ngo-1-0 wegoli likaKamogelo Mahlatsi kowe-last 32 yeNedbank Cup izolo ngeSonto ntambama eDobsonville Stadium.

* Imiphumela yeNedbank Cup imi kanjena: Chiefs 1, Richards Bay 2; Chippa (1) (3), Free State (1) (2); Swallows 1, Cape United 0; Cosmos 1, Leopards 2; CT City 4, Celtic 0; Arrows (1) (4), AmaZulu (1) (5); JDR 1, Tuks 0; TS Galaxy (0) (4), TS Sporting (0) (5); Pirates 1, Uthongathi FC 0; Maritzburg 2, Sekhukhune 1; Pretoria Callies 1, Royal AM 0; TTM 1, SuperSport 0; Pondo Chiefs 1, CT All Stars 3; Sundowns 3, Stellenbosch 2; Polokwane 2, Steenberg 0.

Previous article07 February 2021
Next articleUbalisa ngokwehliswa isithunzi ‘omuhluzwe umqashi’ epulazini