Iphinde yaphoxa iChiefs

447

I-Arrows ikhuthazwe wukuba sendaweni embi ukulwa kunzima

UKNOX Mutizwa weGolden Arrows ejabulela elinye lamagoli akhe emdlalweni weDStv Premiership neKaizer Chiefs izolo ngeSonto ntambama.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

MFANAFUTHI NDLOVU
UPHUKE umoya ngaphambi komdlalo omqoka abazowugijima ne-Orlando Pirates umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur “10111” Zwane edliwe yiLamontville Golden Arrows ngo-3-2 koweDStv Premiership izolo ngeSonto ntambama ePeter Mokaba Stadium, eLimpopo. IChiefs yenzeB esidume ngakho okuwukuphoxa abalandeli bayo njengoba kuyiyona eyibone kuqala imbobo yepali, uSifiso Hlanti engqofela ibhola enethini ngomzuzu ka-8, elicinywe ngelikaNeverdie Makhubela ngoka-45, okwenze kwayiwa ekhefini kungu-1-1. IziMpofana ziphinde zasiqala kahle isiwombe sesibili uMduduzi Shabalala eliqabulisa inethi ibhola ngomzuzu ka-46.


Nokho leli goli libulawe ngelikaKnox Mutizwa ngomzuzu ka-68. Lo mdlali uphinde washaya elokunqoba ngomzuzu ka-78.Ukuzikhandla kukaMutizwa kumenze waqokwa njengomdlali wosuku. Uthe bebazi ukuthi kumele bazinikele ngokuphindiwe kulo mdlalo njengoba bebebhekene nekilabhu enzima. “Ukuba sendaweni embi yikhona okwenze salwa kulo mdlalo,” kusho uMutizwa. Lo mdlali usehlohlele i Arrows amagoli awu-55 selokhu ayijoyina. Nomqeqeshi we-Arrows, uVusumuzi “Kanu” Vilakazi, uthe nakuba lo mphumela umjabulisa kodwa okumele bakulungise ngokushesha wukuvuzisa amagoli ngezikhathi ezibucayi. Uthi ubatshelile abadlali bakhe ukungahlali emuva, bagcine ibhola bese beyihlasela iChiefs.


Uthe uma iChiefs uyivale ezinhlangothini, usuke sewuqedile ngayo. UZwane ukhulume eziphikisa emuva kwalo mdlalo njengoba eqale ngokugxeka abadlali bakhe ngokuthi baphisane ngawo lo mdlalo, gwiqiqi, wathi badlale kahle, kakukho angabasola ngakho. “Bekungelona usuku lwethu namuhla. “Kakumnandi ukudliwa ngalolu hlobo ikakhulukazi ngaphambi komdlalo omkhulukazi wePirates esizobhekana nayo ngoMgqibelo. “Kuhlale kukuhle ukuya kulo mdlalo womkhaya imimoya iphezulu kubadlali,” kusho uZwane. Uncome u-Austin Dube ngokushaya into ecokeme yize agcina ukudlala ngomhla ka-21 kuNhlaba (May) nyakenye.

  • miphumela yeDStv Premiership: Chiefs 2, Arrows 3; AmaZulu 1, TS Galaxy 2; Sekhukhune 2, Richards 0; Royal AM 1, SuperSport 1; Pirates 2, Maritzburg 1.
  • EyeMotsepe Foundation Championship: Leopards 0, Polokwane 2; All Stars 1, Tuks 3; UThongathi 0, Spurs 1; TTM 1, Casric 1; Magesi 0, JDR 1; Callies 0, Platinum 0; Baroka 3, Venda 1.
  • IMarumo Gallants inqobe iSt Eloi Lupopo yaseCongo ngo-2-1 koweCaf Confederations Cup izolo ekuhambeni. Kushaye isikhathi sokuloba iCape Town City isaha-mba phambili ngo-1-0 emdlalweni neSwallows FC eCape Town izolo.
Previous articleUTshatha ‘udlelwe’ imoto esakaza
Next articleUbonga ukuphela komshado oqokwe kumaRoyalty