IPHOQWE NGEKHEFU IMEYA YETHEKU

1205

Ithe lokhu yizinsolo nje, konke kusazohlala obala

This is where caption text is placed.

IYALELWE ukuba ihlabe ikhefu lezinsuku eziwu-30 emsebenzini iMeya yaseThekwini, uNkk Zandile Gumede ( osesithombeni), njengoba isabhekene necala lenkohlakalo.

Lesi sinqumo sithathwe emhlanganweni wesigungu se-ANC KwaZulu-Natal ebesihlangene eMpangeni ngale mpelasonto, emhlanganweni waleli qembu owaziwa ngeLekgotla.

Kakugcinanga lapho, kubikwa ukuthi kuphinde kwahlakazwa nobuholi be-ANC esiyingini saseThekwini. Kuthiwa kulo mhlangano isigungu sikhumbuze uNkk Gumede ngemigomo yaleli qembu mayelana nokwehla esikhundleni uma ilungu lisabhekene necala elibucayi.

Kuzokhumbuleka ukuthi uNkk Gumede ungaphandle ngebheyili ka-R50 000 njengoba eke waboshwa ngecala lenkohlakalo ehlanganisa ithenda ka-R230 million lokuqoqwa kwemfucuza.

Ngesikhathi ededelwa ngebheyili, wayalelwa ukuba angaxhumani nezisebenzi zeminyango eyahlukene okuhlanganisa nomnyango obhekelele ukukhishwa kwemisebenzi.

Lezi zindaba ezisabalele zokuhlaba kwakhe ikhefu, zifakazelwe yinkulumo kaMnu Sihle Zikalala ongusihlalo we-ANC KwaZuluNatal, okubeke kwacaca ukuthi

amalungu asezikhundleni kumele ashenxe kanti uma enqaba ukwenza lokho, azophoqwa ukwehla ezikhundleni. Ekhuluma kwesinye isiteshi sikamabonakude uNkk Gumede, ucashunwe ethi uzohlonipha isinqumo se-ANC, wathi uzohlaba ikhefu kusukela ngoMsombuluko.

“Ngeke ngisidelele isinqumo esithathwe yisigungu sesifundazwe sokuba ngihlabe ikhefu. Kasishongo ukuthi ngisuke esikhundleni, sithe mangihlabe ikhefu lezinsuku eziwu-30 ngiphinde ngixhumane nabameli bami ukuze ngingalokhu nginefu elingilandelayo, ngakho angisoze ngadelela ubuholi bami.

“Abantu mabalinde ngoba lokhu kuseyizinsolo nje, okuhle ngazo wukuthi zisenkantolo, konke kuzovela obala besekulandelwa imigudu efanele,” kusho yena.

Ebuzwa ukuthi uzoba yingxenye yini yabazobe begaqele isikhundla sikasihlalo wesiyingi njengoba kuza ukhetho, uthe ngeke aphawule ngalokho ngoba ngamagatsha e-ANC athatha leso sinqumo.

Ebuzwa ukuthi ngabe uyathinteka yini enkohlakalweni, uthe selokhu wafika eThekwini, kunezinhlaka ezibhekene nenkohlakalo kanti ungumholi walezo zinhlaka, yingakho kukuhle okwenziwa wumthetho kuyena ukuze ezokhombisa umphakathi ukuthi akasabi lutho.

Uthe yingakho eqhubeka eya esidlangaleni, enza akwenzayo ngoba uyazi ukuthi akukho okuzomhlanganisa nalezi zinsolo.

Previous articleHalala kuMothibi ingqwele yeCommrades!!!
Next articleHalala kuMothibi ingqwele yeCommrades!!!