Kuthiwa lilihlanganise ‘neshende’ itulo lokusoconga owakwalo ebelisebenza
SKHOSIPHI MTHEMBU
LISHAQWE lilungiselela ukugoya emakhandleleni, lizilele umyeni walo iphoyisa lesifazane elisolwa ngokwakha itulo lokumbulala lihlangene nezinkabi. USgt Ntombizodwa Ntinga, ushaqwe ngamaphoyisa ngoLwesithathu ekuseni noMnu Samkelo Mpanza, bobabili ababhekene namacala okuthumba nelokubulala uW/O Nkosinathi Ntinga. Bavele kafushane eNkantolo yeMantshi yaKwaMbonambi ngoLwesine, bazobuyela ngoLwesibili ukuyofaka isicelo sebheyili. Umsolwa wesithathu kuleli cala, okunezinsolo eziqinile zokuthi uyishende likaSgt Ntinga, usagcwele amathafa. Kubikwa ukuthi umufi noSgt Ntinga bese beshade iminyaka engaphezu kweyishumi, besebenza esiteshini samaphoyisa KwaMbonambi. USgt Ntinga nowesilisa osolwa ngokuba yinkabi baboshwa nje, kuthiwa ngoLwesibili kwagasela amadoda angaziwa emzini kamufi, amfica ehleli nozakwabo ongumabhalane kanye nenkosikazi yakhe (umsolwa).
Kuthiwa ababulali bafike baphuca uSgt Ntinga nomufi izibhamu zomsebenzi. Sebekwenzile lokhu, kuthiwa babe sebethatha umufi nozakwabo bahamba nabo bashiya inkosikazi. Kuthiwa isivakashi satholwa eceleni komgwaqo silimele kanzima, nokusolwa ukuthi sakhishwa imoto ihamba. Umufi yena utholwe ngoLwesithathu ngasemfuleni uMsunduzi, enamanxeba okudutshulwa emzimbeni. Akuphelanga sikhathi esingakanani amaphoyisa ephenya, abe esebopha ‘inkabi’ okuthiwa kayizange iwahluphe, yacula konke, yaveza nokuthi bebethunywe yinkosikazi kamufi ukuba imbulale. ILANGA Lempelasonto lithole ngemithombo yalo ukuthi ubudlelwano phakathi kwalaba bebungebuhle, bebehlala ngokuxabana. Kunezinsolo zokuthi uSgt Ntinga uhlele lokhu nowesilisa osolwa ngokuba yishende lakhe, okuvela ukuthi bese kunesikhathi bethandana.
Umthombo uhlebele iphephandaba ukuthi ngesikhathi amaphoyisa ezombikela uSgt Ntinga ngokutholakala kwesidumbu somyeni wakhe, amfice ematasa elungisa, kungathi useyazi ngokufa kwakhe. Kubikwa ukuthi uphenyo lwamaphoyisa lube seluwaholela kowesilisa okuthe uma embopha, wacula konke ngetulo okuthiwa lenziwe nguSgt Ntinga neshende lakhe lokuba kusocongwe umufi. ILANGA Lempelasonto lihambele umndeni wakwaNtinga izolo ngoLwesihlanu emzini wakhe umufi ePhathane, kwesaKwaMthethwa. Okufike kwacaca wukuthi indaba yokubulawa kukaW/O Ntinga nokuboshwa kwenkosikazi yakhe iyaziwa emphakathini njengoba abantu abaningi abakhulume neLANGA Lempelasonto, bebebabaza unya abathi lwenziwe yinkosilazi yakhe. Abanye bebekhala ngokulunga kukamufi njengoba beveze ukuthi ubezithandela umsebenzi wakhe futhi ekhululekile, exoxa nawo wonke umuntu.
Leli phephandaba lifike umndeni umatasa namaphoyisa abezolanda imifaniswano nezinye izinto zasesiphoyiseni. Amanye abematasa ngaphakathi, ethatha imininingwane ephathelene nokufihlwa kukamufi. UNkk Makhosazane Ntinga ongunina kamufi, uthe namanje akakakholwa wukuthi umakoti wakwakhe uyathinteka ekubulaweni kwendodana yakhe. Uthi ngosuku lwesigameko, nguyena umakoti wakwakhe (umsolwa) owafika ezombikela ukuthi sekungene abantu bathatha indodana yakhe. “Umakoti wafika ekhaya wangibikela ukuthi kungene abantu abangaziwa babalalisa phansi base bebabamba inkunzi. Ungitshele ukuthi laba bantu babe sebethatha indodana yami nowesilisa ebihleli naye, bahamba. Siphuthume emzini wabo ngafica phansi kunegazi kungathi bekuliwa.
“Sihlalile kusaduma nekhanda, okuthe ekuhambeni kwesikhathi kwafika amaphoyisa okuyiwo asibikelile ukuthi itholakele indodana yami kodwa isishonile,” esho. Eqhuba, uthe nangesikhathi efika amaphoyisa ezomlanda bebesendlini bonke, kulungiselelwa ukuba kukhanyiswe amakhandlela. “Sonke sithukile lapha ekhaya. Yize bebehlala ngokuxabana kodwa besingakaze sizitshele ukuthi kungaze kufike lapha,” esho. Uthi indodana yakhe ibiwuthanda umsebenzi wayo njengoba yaqala ngokuya emasosheni kodwa yashiya phakathi. Uthe kungaleso sikhathi lapho eyajoyina umbutho wamaphoyisa. UMnu Dingindawo Ntinga ongumfowabo omdala kamufi, uthe umfowabo nomakoti bake baxabana phambilini kangangoba waze wathutha, wahamba umakoti. Uthi ingxabano yasuswa yimiqhafazo umfowabo ayibamba kumakhalekhukhwini womkakhe.
“Bona bebenakho ukuhlala ngokuxabana ngoba ngikhumbula ukuthi khona lapho kwaze kwafika khona amaphoyisa kwazise bobabili baphatha izibhamu. “Ngiyacabanga ukuthi lokhu kwakuwukusabela ukuthi hleze balimazane. Ngesikhathi ebambe imiqhafazo kumakhalekhukhwini womkakhe, yakhulunywa leyo yalungiswa esontweni, yadlula. Besingakaze kodwa sicabange ukuthi umakoti usengenza into enjena,” kusho uMnu Ntinga. skhom@ilanganews.co.za