Kuthiwa belimsola ngokuthi ulidla izithende kumkalo
NOMFUNDO NGWANE
ngokuthi uthandana nomkakhe.
ASABAMBE ongezansi amalungu omphakathi waseMbutshana, eSweetwaters, eMgungundlovu ngesenzo sephoyisa (51) elidubule labulala umfowabo omncane ngoLwesibili ebusuku ngoba limsola ngokuthi uthandana nenkosikazi yalo.
ILANGA lithole ukuthi uMnu Simphiwe Mabizela (46) udutshulwe wabulawa ngumfowabo phambi kwamalungu omndeni. UNkk Nonhlanhla Mabizela oyinkosikazi kamsolwa okuthiwa yiyona ebijola nomufi ithi lesi sigameko senzeke ngabo-19h00 elungiselela isidlo sakusihlwa.
“Bengisanda kubuya emsebenzini ngezwa ukuqhuma kwesibhamu kaningi egcekeni. Ngiphuthume emnyango ngifuna ukuyobheka ukuthi siqhumaphi. Ngihlangane nomyeni wami ephethe isibhamu ngesandla, usibhekise kimina engisola ngokuthi ngimenza isilima ngithandana nomfowabo.
“Nakuba ngiyaphila kusize ukuthi kungenelele izingane zami ebezikhona ngesikhathi kwenzeka yonke le nto,” kusho uNkk Mabizela.
Uthi umyeni wakhe ubesebatshela ukuthi usembulele umfowabo ngoba ubemudla izithende, wabakhombisa endlini yakhe lapho emdubulele khona.
UNkk Mabizela utshele ILANGA ukuthi bebehlala ekhaya elikhulu nomfowabo womyeni wakhe obevele engazwani nomfowabo ngenxa yezinkinga zabo zomndeni.
Uthi lokhu akushoyo kokuthi ubethandana nomufi, uhubhuza amanga aluhlaza, uzama ukuzivikela ngakho ngoba esebona ukuthi usenze umonakalo.
“Ngiyasola ukuthi kukhona okungahambi kahle ekhanda lakhe, nalokhu akushoyo kokuthi bengithandana nomfowabo ngamanga aluhlaza. Ngiyasola ukuthi ukusho lokho nje ngoba enzela ukuthi athole isigwebo esincane enkantolo, phela uyiphoyisa uyawazi umthetho,” kusho uNkk Mabizela. Uthi le nto isimehlise isithunzi ngisho nasezinganeni zakhe kwazise umyeni wakhe ubeyisho ngisho phambi kwazo.
Amalungu omndeni uthi uwabikele ukuthi umyeni wakhe ubemnuka ngokuthi uthandana nomfowabo.
“USimphiwe ubeyingane kunami futhi ubengasiyona leyo nhlobo egangile, ubengihlonipha njengomakoti wakubo,” kusho uNkk Mabizela. ILANGA likhulume nenduna yendawo, uMnu Patrick Makhaye, ethe ibisizwile ngalolu daba.
“Ngifonelwe nguNkk Mabizela engibikela ngalo usuku lwesigameko ebusuku ukuthi umyeni wakhe usebulale umfowabo. Ngithuke kakhulu ngale ndaba, ukuthi umuntu womthetho angenza into efana nale,” kusho induna.
Ikhansela lendawo, uMnu Sbu Mtshali, lithe: “Ngizwile ngalolu daba lokuthi kunephoyisa elidubule labulala umfowabo. Imininingwane egcwele yokuthi bekubangwani bengingakayitholi, ngisazohlela ukuthi ngiyovela emndenini ngiyokhuluma nawo,” kuphetha uMnu Mtshali.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe amaphoyisa abophe owesilisa oneminyaka ewu-51 ngezinsolo zokubulala. Uthe umsolwa kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu ngecala lokubulala.
nomfundo@ilanganews.co.za