LUCKY CAIN
LIQHUBEKILE nokuwaphika amacala okubulala izihlobo nawokuzama ukubulala elibekwe wona iphoyisa lesifazane laseGoli, uConst Rosemary Nomia Ndlovu (43) ngesikhathi kuqhubeka icala lalo eNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge, eGoli, izolo ngoLwe-sithathu.
UConst Ndlovu, osolwa ngokubulala abantu abawu-6 okubalwa kubona nezihlobo zakhe, ubephekwa ngemibuzo ngezinye zeziga-meko zokubulala athinteka kuzona.
Kusolwa ukuthi wayebulala izisulu ngenhloso yokuhlomula emalini yomshwalense kusukela ngo-2013. Ubuzwe ngokufa kukadade-wabo, u-Audrey Ndlovu nomshana wakhe uBrilliant. Ngesikhathi ebuzwa ngesoka lakhe, uMnu Yingwani Mabasa, uvele wadinda isililo enkantolo.
Lokhu kuphoqe ukuba iJaji Ramarumo Monama, liyiguqise okwesikhashana inkantolo kwaze kwaba uyathula ummangalelwa. Kuvele ukuthi uMnu Mabasa owayengunogada emahhovisi enxusa lase-United States, ePretoria wa-gwazwa amanxeba awu-80 ngapha-mbi kokuba aphangalale.
Ngaphambi kokuqala kokuqulwa kwecala, uConst Ndlovu uvele ezikhululekele njengoba eze wama kwasakuzicupha ukuze aba-thwebuli bathathe izithombe.
Uwaphike wonke amacala asolwa ngawo, nakuba kunesithombe-mnyakazo (video) esikhombisa ehamba nephoyisa elizifihlile, okusolwa ukuthi wayeliqashile, ezitshela ukuthi liyinkabi ezobulala udadewabo nezingane zakhe eziwu-5.
Kulesi sithombemnyakazo kuyavela ethenga uphethiloli ngo-2l, okubikwa ukuthi yiwona okumele kushiswe ngawo umuzi kadade-wabo.
Phakathi kwabanye abantu leli phoyisa elisolwa ngokubabulala, uMnu Madala Homu (isihlobo), uZanele Motha noMayeni Mashaba abangabashana bakhe.
Kubikwa ukuthi wathola u-R717 000 ngokufa kukadadewabo u-Audrey ngo-2013, u-R131 000 ngokufa kukamzala wakhe uMadala ngo-2012, wuR416 000 ngokufa kwesoka lakhe no-R120 000 ngokufa kukaZanele.
Kuleli cala eselidonse iminyaka engaphezulu kwemibili, umbuso ulethe ofakazi abangaphezulu kuka-30 abethule ubufakazi obu-mlahlayo njengoba ebesebhadle ejele kusukela waboshwa ngo-2018.
I-Timeslive ibike ukuthi uConst Ndlovu uchazwe ngabanye ozakwabo esiteshini samaphoyisa aseTembisa South, e-East Rand, njengobezifela ngokugembula futhi evame ukubathengela nesidlo sasemini ngaphandle kokufuna ukukhokhelwa.
Bathi ubehlale enemali futhi esondelene nabo bonke ozakwabo esiteshini. Baqhube ngokuthi uMa-Ndlovu – okuyindlela abebembiza ngayo – ubengowesifazane obenga-khombisi izimpawu zokwenza izi-nto eziphambene nomthetho, echitha isikhathi sakhe egembula e-Emperor’s Palace, eKempton Park, eGoli. Icala liyaqhubeka.