Iphoyisa liqothe ngenhlamvu umndeni wakwabo

1653

Licasulwe wukubizwa ngevezandlebe

NOMFUNDO NGWANE

LIDINWE ladubula labulala izingane zakwabo ezintathu iphoyisa lakwaGabela eNgabayena, eMsinga okuthiwa litshelwe ngudadewabo omdala kunomhlangano womdeni ngoMgqibelo ukuthi “liyivezandlebe”. 

ILANGA lithole ukuthi kwenzeka lokhu nje, umndeni wakwaGabela ubuhlangene kukhona lonke uzalo, ngisho namalungu asebenza eGoli. 

Kuthiwa ngoLwesihlanu lo mndeni ubufihla indodana yakhona ephakathi, uMnu Linda Gabela, kwavukwa ngoMgqibelo wahlangana kuzodingidwa izinto eziphathelene nezinkinga zawo, kwazise abekhona wonke amalungu awo. 

UMnu Sibusiso Gabela, oyindodana endala yalo mndeni, uthi bebephelele kukhona nozalo obelusuka kwezinye izindawo ezikude, kudingidwa izihloko ezahlukene eziphathelene nezinto zomndeni. 

“Siqale ngesihloko sombango wasemndenini wezinkomo zakithi, okuthe kusephakathi naleso sihloko sibangisana ngezinkomo, kwabe sekusuka ingxabano eholele ekutheni kuphume izidumbu,” kusho uMnu Gabela. 

Kulesi sigameko kushone izelamani ezintathu okunguMnu Muhlekudliwa Gabela (45), uMnu Mnawe Gabela (54) noNkz Senzeni Gabela (50). Bonke bashonele endaweni yesigameko. 

UMnu Gabela uthi kuthe kusakhulunywa, uNkz Gabela wamane waphahluka waveza indaba yokuthi umfowabo omncane oyiphoyisa njengoba elwisa amalungu omndeni wakwaGabela ngombango wezinkomo nje, akazalwa khona, uyivezandlebe. 

Uthi udadewabo akagcinanga ngokusho lokho, uze washo nokuthi lo mfowabo ungowakwabani isibongo. 

“Kube muncu emhlanganweni, bonke abantu baswela umgodi wokucasha ngesikhathi udadewethu omdala eveza le ndaba. Sonke besingazi ukuthi umfowethu omncane akazalwa ngubaba, sithuke soma uma udadewethu eveza lezi zindaba. 

“Siyasola ukuthi kazihlalanga kahle kumfowethu wathukuthela wagana unwabu, wadonsa isibhamu ebesisenqulwini, wasikhokha waphuma wama phambi komnyango wendlu karawondi ebesihleli kuyona, waqala ukudubula ebhekise kithina sonke ebesisemhlanganweni. 

“Kangazi ukuthi ngisinde kanjani ngoba ubedubula kukhombisa ukuthi uqonde ukusiqotha sonke,” kusho yena. 

Uthi umfowabo uqede ukwenza lokho waphuma ngesango waqonda esiteshini samaphoyisa eyozinikela. Utshele ILANGA ukuthi isimo simuncu emndenini. Uthi umfowabo ugila le mihlola nje, unenkosikazi enguthisha nezingane. 

“Inkinga esibhekene nayo manje emndenini wukuthi kasisathembani, siyasabana. Kunzima nokuthi siphinde sihlangane, silungise inkinga evelile,” kusho uMnu Gabela.

Ikhansela lendawo, uNkz Thenjiwe Mbatha, lithintwa yiLANGA lithe beselizwile ngalolu daba olubathuse kakhulu. 

“Sinxusa amalungu omndeni wakwaGabela ukuba azame ukuzincenga ehlise umoya ukuze kuzohlalwa phansi, kulungiswe umonakalo owenzekile. Sitholile ukuthi umsindo usuke ngesikhathi kunomhlangano womndeni,” kusho uNkz Mbatha.  

Okhulumela i-Independent Police Investigative Directorate (IPID), uNkz Ndileka Xolo, uthe besebezwile ngalolu daba iphoyisa elingumsolwa kulesi sigameko liboshiwe. lizovela kusasa ngo-Lwesibili eNkantolo yeMantshi yaseMsinga. 

Previous articleUZahara uphalaza usizi ngengoma
Next articleIPirates engcupheni yokushiywa nguMhango