Iphoyisa lizidubule phambi kozakwabo lisaba ukuboshwa

1502

NOMFUNDO NGWANE
noNONHLAKANIPHO SHINGA

LIZINGQOKOZE ngenhlamvu lashona phambi kozakwabo lisaba ijele iphoyisa laseShowe elidubule labulala owayeyinkosikazi yalo nomukhwe walo ngoLwesine ntambama emuva kwengxabano engaziwa.
USgt MS Linda (31), udubule wabulala inkosikazi yakhe asebehlukene nayo, uNkz Nondumiso Mabanga (31) noMnu Bonginkosi Mabanga (62), emuva kwalokho isibhamu wasibhekisa kuyena naye washona.
ILANGA lithole ukuthi uSgt Linda wenza lokhu nje, uNkz Mabanga ubesebuyele kubo, sekuze kwadatshulwa nencwadi yomshado ngenxa yezinkinga yena noSgt Linda abebebhekene nazo emshadweni.
Umthombo weLANGA osondelene nabafi, uthi okuhlukanise uSgt Linda noNkz Mabanga, wukuthi indoda ibisola inkosikazi ngokungaziphathi kahle, ibikhala ngokuthi umkayo uqomile.
Umthombo uthi lesi sigameko senzeke kukhona nengane yabo eneminyaka ewu-11 ubudala ebihlala nonina. Uthi uSgt Linda ubengasebenzi ngosuku lwesigameko, uphume ekhaya eyobona ingane yakhe ekhweni lakhe.
Ufike ekhweni waqala wakhuluma noNkz Mabanga emotweni, ngokusho komthombo.
Kuthiwa kube khona ukuhilizisana phakathi kwabo, okungaziwa ukuthi kususwe yini, kwabe sekubonakala uSgt Linda edubula ephindelela ebhekise kuNkz Mabanga obesephumile emotweni ezama ukubalekela endlini. Ugcine ewele egcekeni.
Uqhuba umthombo, uthi uSgt Linda uphume emotweni wayodubula umukhwe wakhe obephume endlini ngoba ezwa umsindo wesibhamu, ethi uyozama ukulamula.
Uthi uqede ukwenza lokho wangena emotweni yakhe, wayishaya yazula ebheke kubo. Esendleleni, kuthiwa ufonele amalungu omndeni wakhe ewabikela ngento aseyenzile, washayela nabanye ozakwabo.
Umthombo uthi kube yisikhashana efikile kubo, kwangena amaphoyisa eyomshaqa. Akabange esawalinda ukuba aze ambophe, kuthiwa uthathe isibhamu sakhe somsebenzi, wasibhekisa kuyena phambi kwawo amaphoyisa, wazidubula.
ILANGA likhulume nonina kaSgt Linda, uNkk Ntombenye Linda, othe indodana yakhe iphume iyobona ingane yayo ekhweni layo.
Kuthe esaphakathi nenkulumo echaza ngabakwaziyo, kwajika ukudla epuletini, wathi makayidle ayiqede intatheli abekhuluma nayo maqede wavala ucingo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, usiqinisekisile lesi sigameko wathi amaphoyisa avule amacala amabili okubulala nedokodo lophenyo.

Previous articleKuhlaselwe owomndeni wakwaShembe
Next article‘Ubulale umngani enqaba ukumbhemisa’