PHUMLANI GAMA
IVEZE izifiso zayo ngoMntwana uMagogo kaDinuzulu iMeya yaseKing Cetshwayo, uMnu Thami Ntuli, ngesikhathi lo masipala uhlele idili lomculo iNkosi Mangosuthu Buthelezi eMbizo Hall, eMpangeni, ngoMgqibelo. Lo mcimbi waminyaka yonke, obizwa ngePrincess Magogo Choral Music Festival, wethulwa ngonyaka odlule. Wabusiswa nguMntwana KwaPhindangene, iNkosi uMangosuthu Buthelezi, ozalwa nguMntwana uMagogo, yiSilo uMisuzulu kaZwelithini nezinye iziphathimandla zikaZulu.
Kulo nyaka kulo mcimbi kuphinde kwakhunjulwa noShenge – ongumsunguli we-IFP – okhothame ngoMandulo (September) walo nyaka. Abebewuhambele babheme bakholwa eshungwini lezikhulumi ezehlukene. Zikhuthaze abantu baseNingizimu Afrika ukuba basebenzise amakhono abo ukuze bavelele emikhakheni abadalelwe ukuba kuyona.
UNtuli uthe ukuba khona kwalo mcimbi kuhlomulisa nosomabhizinisi bemikhakha eyehlukene. “Iphupho lethu wukuba sakhe isikhungo esizoqanjwa ngoMntwana uMagogo. Lokho sizobe sikwenzela ukuthi lingashabalali igama lakhe, ngoba likhulu iqhaza
lakhe emculweni,” kusho uNtuli.
INkosi uMzamo Buthelezi, eyiSekela likaMengameli we-IFP, ithe leli qembu liyaweseka umbono wokuba kwakhiwe
isikhungo salolu hlobo. “Kuyinto enkulu ukuthi sihlangane kuzokhunjulwa impilo yeqhawe, uMntwana waKwaPhindangene ngoba amagalelo akhe siyawazi,” kusho uButhelezi.
Ekhuluma egameni lomndeni kaShenge, uMntwana Zuzifa Buthelezi, uthe uyise wayewuthanda umculo. “Ubaba nomama wakhe bayaziwa kakhulu ngokuthanda umculo. Sithokoze kakhulu ngokuba simenyelwe kulo mcimbi wokukhunjulwa kwempilo kababa, okuze kwaba uyahamba emhlabeni esebenzela isizwe,” kusho uMntwana uZuzifa.