Iphupho lomsubathi ngabesifazane abamnyama kwiComrades Marathon

256

MZWAMANDLA ZONDI

UKUSHAYA udaka kwabasubathi abampisholo besifazane kwiComrades Marathon – egijinywa minyaka yonke phakathi kweTheku noMgungundlovu – sekwenze uNobuhle Tshuma (osesithombeni) waba nephupho lokuqeda  leli shobolo ngokunqoba lo mjaho. Lo msubathi uthi uzibona ezongena nabokuqala abathathu yize ezokube egijima lo mjaho okokuqala ngqa empilweni yakhe.

 IComrades yanonyaka izokuba ngeSonto isukela eThekwini isongwe eMgungundlovu. UNobuhle weNtsika AC, uphekwa yinkakha yomsubathi, uHendrick Ramaala, kanti ungomunye wabasubathi ababhekiwe ukwenza kahle kwiComrades yakhe yokuqala. Selokhu wasungulwa lo mjaho ngo-1921, abasubathi abampisholo besifazane kabakaze bawunqobe. “Kungiphatha kabi ukuthi akekho umuntu wesifazane (omnyama) oseke wawunqoba lo mjaho. Nokho ngajabula kakhulu nyakenye uJenet Mbhele engena nabokuqala abalishumi. Uma singesekwa nathi singa-kwazi ukuwunqoba lo mjaho,” kusho uNobuhle ozinze eGoli.

Ebuzwa ngokuchanasa kukaGerda Steyn emijahweni yaseNingizimu Afrika yamabanga amade, uthe akamenqeni nakancane lo msubathi.    Uthe kuyiphutha ukunaka omunye umuntu. 

Lo msubathi uya kwiComrades nje, ugijime imijaho eminingi eyahlukene. Ungene unombolo 2 kwiJoseph Shabalala Marathon, wangena unombolo 4 kwiKazungula Bridge Marathon, wathatha eyesibili kwiCity to City, wanqoba iTshwane 50km, iMiway Hayward, iN12 Ultra 50km ukubala embalwa.

Previous articleAkuzethusi ezothisha ukuhlongozwa kwenyunyana edlelana neMK
Next articleAkakugqizi qakala ukubatshazwa kwezethenjwa kwiComrades Marathon