IPirates ibambe ufishi omkhulu

899

UMonare ubefunwa nayiKaizer Chiefs

SENZO SOKHELA 

UTHABANG Monare obegijima kwiBidvest Wits esidayisiwe ugcine ejoyine i-Orlando Pirates.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

I-ORLANDO Pirates izoya emdlalweni omqoka weMTN8 ihlome nxa zonke njengoba isayinise isibabuli somdlali ebesifunwa ngomakhelwane bayo, iKaizer Chiefs. 

IBucs izodudulana neCape Town City koweMTN8 ngoMgqibelo ngo-18h00 e-Orlando Stadium, eSoweto. 

IBucs iya kulo mdlalo nje, ibambe ufishi omkhulu njengoba isayinise uThabang Monare (31) obelihlikihla esiswini kwiBidvest Wits edayisiwe. 

Lo mdlali usayina kwiBucs nje, ubefunwa uthuli yiChiefs kodwa wangakwazi ukulinda njengoba iziMpofana zisalinde ukuzwa isinqumo ngecala ezilidlulisele kwiFifa njengoba zingavumelekile ukusayinisa abadlali amawindi amabili okuthenga nokudayiswa kwabadlali.  

UMonare uthi ujabule ngokusayina kwiBucs. “Ngikholwa wukuthi isitayela engisidlalayo sizongena khaxa kulesi esidlalwa yiPirates yingakho nginqume ukusayina kuyona. 

“Ngiyafisa-ke nokho ukuthi njengoba ngilapha nje, ngibe wusizo ukuze le kilabhu kube khona ekunqobayo, siqale ngayo iMTN8. 

“Angizele ukuzohlala lapha, ngifuna ukufika nomehluko,’’ kusho uMonare. 

UJosep Zinnbauer ololonga iBucs uthi amalungiselelo alo mdlalo ahambe kahle yize bebe nesikhathi esifushane.

“Amalungiselelo ahamba kahle yikhona nje ukuthi akujwayelekile ukulungiselela isizini entsha amaviki amathathu ngokujwayelekile aba ngu-6. 

“Kodwa-ke kufanele siciciyele kubona lobo bunzima ngoba yisimo esiphoqayo. 

“Ngaphandle kwalokho, silindele umdlalo onzima kwiCity. 

“Okungijabulisayo wukuthi sisayinise abadlali abaseqophelweni eliphezulu njengoThulani Hlatshwayo. 

“UMonare naye uza nesikhulu isipiliyoni, ngikholwa wukuthi uzonyakazisa umbango wejezi ngoba ungumdlali oseqophelweni eliphezulu.

“Kodwa-ke okumqoka wukunqoba lo mdlalo ukuze sidlulele esigabeni esilandelayo, siyayidinga inkomishi,’’ kusho uZinnbauer.  

Imidlalo ye-MTN8 isiyonke ngale mpelasonto iqhathwe kanje: 

NGOMGQIBELO 

EThohoyandou Stadium: Tshakhuma vs SuperSport United 15h00. 

E-Orlando Stadium: Orlando Pirates vs Cape Town City 18h00. 

NGESONTO 

E-FNB Stadium: Kaizer Chiefs vs Maritzburg United 15h00. 

ELucas Masterpieces Moripe Stadium:  Mamelodi Sundowns vs Bloemfontein Celtic

18h00. 

Previous articleMazinikwe ithuba “Izangoma Zodumo”
Next articleUkhale ngamambawu ‘oklinye wabulala unina’