IPIRATES IBUYISE ITHEMBALOKUYA KOWE-CAF

388

SENZO SOKHELA
I-ORLANDO Pirates ibuyise ithemba lokuya emqhudelwaneni weCaf Champions League iguqisa ngo-2-0 iRichards Bay FC koweDStv Premiership izolo ngoMgqibelo ntambama eKing Zwelithini Stadium, eMlazi. Amagoli eBucs avalelwe enethini nguTerrence Dzvukamanja ngomzuzu ka-32 noMonnapule Saleng ngomzuzu ka-92. IBucs iye kulo mdlalo idinga iwini kwazise ikubeke kwacaca ukuthi ifuna ukuqeda isendaweni yesibili kwi-log kwazise ifuna ukudlala emqhudelwaneni weCaf ngesizini ezayo. Nokho konke kubukeka kuhamba ngokohlelo njengoba iwine lo mdlalo weBay ekuhambeni. Umdlalo uqale ngegiya eliphezulu, zithengana kubonakalaukuthi kazesabani.

Nokho iPirates yiyona ecishe yavula inkundla ngenkathi uTapelo Xoki eficwa yibhola engaphansi kwepali leBay kodwa wathi uphasela inethi, ibhola laphuma phezu kwamapali. Abalandeli beZimnyama abebephume ngezinkani basale bebambe ongezansi bengakholwa ngabakubonayo. Emuva kwalo mnyakazo, iBay bese ilokhu ishoshela, icindezela.UNdiviwe Mdabuka no-Abel Mabaso bake bathola amabhola amahle kodwa bawashaya bawaqondisa kunozinti weBucs, uSipho Chaine. Ngomzuzu ka-29, uMonnapule Saleng usukumise izihlwele eshaya i-free kick engqokloze ipali yabuyela ensimini. Nokho iBay ibe isiyimaka, lwehla uvalo kubalandeli bayo. Sezibheke ekhefini, iBucs iyona ebisibukeka iligcina ibhola, idlalela emngceleni weBay.


Ngomzuzu ka-32 iBucs ivule inkundla uKabelo Dlamini egoba ibhola elifice uDzvukamanja olingqofele enethini, wasala emile unozinti weBay uMalcolm Jacobs. Emuva kwaleli goli iBucs bese iwulawula umdlalo, iphaselana ingatatazeli. Kuyiwe ekhefini iBucs ihamba phambili ngo-1-0.Isiwombe sesibili siqale ngegiya eliphezulu zicindezelene. IPirates iyona ebineminyakazo eyingozi kusize uJacobs ukubhula umlilo emuva kwiBay. UThembinkosi Lorch weBucs uke wagoqa kwasani ebhokisini leBay, wathi uphasela inethi ibhola lakhe laphuma phezu kwamapali. Ngomzuzu ka-78, uMbuthuma uphume uqekelele waleqisela unozinti weBucs, kodwa laphuma kancane eceleni kwamapali. Nokho emuva kwalo mnyakazo weBay, iBucs bese iphungwa ngezithebe kwaze kwabe uyaphela umdlalo. Imiphumela yeMotsepe Foundation Championship izolo ngoMgqibelo:-
Callies 1, VFA 0; Lions 1,
UThongathi 0; JDR 2, Spurs 0;
Casric 1, NB La Masia 0;
Polokwane 0, Tuks 0.

Previous articleUveze ukuthiwayethandananesisulu unesi’owasidlwengula’
Next articleUbuchwepheshe buyisixazululokwabangabatholi abantwana