Bachazwa wukugcina kwayo umgogodla
MFANAFUTHI NDLOVU
I-ORLANDO Pirates ijabulise abalandeli bayo igcina abadlali abamqoka abebephelelwa yizinkontileka kule kilabhu ezodlala iCaf Champions League ngesizini ezayo. URichard Ofori waseGhana ongunozinti – oyisithandwa sabalandeli beBucs obekubikwa ukuthi angase ahambe kule kilabhu, ugcine evuselele ngonyaka owodwa onombandela wokwelulwa ngomunye. USiyabonga Mpontshane naye ovimbayo, welule ngonyaka ngokunjalo noBen Motshwari oyibamba esiswini. UVincent Pule welule ngeminyaka emibili enombandela wokwelulwa ngonyaka yize isizini edlule eyichithe elimele. Ngaphandle kwalaba badlali, izikhulu zePirates zinqume ukubolekisa ngoBoitumelo Radiopane kwiCape Town Spurs kanti zinezingxoxo noBongani Sam benoTshegofatso Mabasa zokuba babolekiswe kwi-Swallows FC kuze kuphele isizini.
U-Azola Matrose noThabiso Sesane basajima nale kilabhu njengoba iqale amalungiselelo ekhempu eNorth West. Abanye abadlali okuvele ukuthi basayinile kule kilabhu; nguCebo Mchunu obekwiBizana Pondo Chiefs noSiyabonga “Shluthu” Khumalo obekwiLamontville Golden Arrows. UMlungisi Ndlovu ongusihlalo weziko labalandeli eNtuzuma, uthe beneme ngokwenziwe yile kilabhu igcina umgogodla wayo. Uthe ngendlela ebachaze ngayo iBucs ngesizini edlule, bazohlangana kusasa ngeSonto KwaDukuza ukujabulela impumelelo yayo ngezoso, babhunge nangendlela ebheke phambili. ISwallows FC isayinise uKeenan Phillips iminyaka emibili. UPhillips usuka kwiSuperSport United. ULantshene Phalane no-Seth Parusnath basajima neziNyoni. UPhalane wake wadlala kule kilabhu esuka kwi Bloemfontein Celtic eyathengwa yiRoyal AM.