IPirates ingase ilahlekelwe nguMonyane

530

SENZO SOKHELA

INGASE yenze enhle imali i-Orlando Pirates ngesitobha sayo, uThabiso Monyane (23), okuvela ukuthi sigaqelwe ngamakilabhu ase-Europe.

ILANGA lihoshe ngemithombo yalo ukuthi Monyane odlala ohlangothini lwesokudla emuva, ufunwa yikilabhu yaseRomania. Lo mdlali wenyuselwe esikimini esikhulu seBucs ngo-2019 emuva kokugila izimanga enkulisa yale kilabhu.

Umthombo waleli phephandaba uthe: “IBucs ingase ilahlekelwe yilo mdlali ngoba ufunwa yiSteaua Bucuresti yaseRomania okudlala kuyona uSiyabonga Ngezana, owake wadlala kwiKaizer Chiefs. Seyike yaxhumana nosihlalo weBucs, u-Irvin Khoza yabeka u-R15 million efuna ukuthenga ngawo lo mfana.

“Kuvela ukuthi uKhoza usayimisile kwazise kakuyona le kilabhu kuphela efuna lo mdlali e-Europe. Cishe konke kuzocaca kahle ngokuphela kwesizini,” kusho umthombo.

Iphunzile imizamo yokuthola uKhoza ongusihlalo weBucs njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa.

Kuzokhumbuleka ukuthi isikhulu seFCSB uGeorge “Gigi” Becali, sikubeke kwacaca ukuthi sizongenisa emakethe yaseNingizimu Afrika ngoba abadlali bakhona kababizi kakhulu, kodwa uma usubadayisa ungenza enhle imali.

Siveze ukuthi ngokwaso nje, uNgezana manje ubiza u-R1,5 billion. Kasikufihlanga ukuthi kunekilabhu yaseFrance emfunayo futhi ezimisele ngokukhipha imali eshisiwe ngaye.

Previous articleUma usebenzisa ilungelo lakho, kakumele uhlukumeze omunye umuntu
Next articleUbhekene nobunzima odinga umnikelo wesibindi