NGOSIBA LUKA: REV MKHEKHELEZI
NGIKHUMBULA ngisabhala izindaba zepolitiki. Ngangivame ukuzwa uMntwana waKwaPhindangene, iNkosi uMangosuthu Buthelezi ethi: “Yinina uhulumeni, yinina eninamandla.” Wayesho ebhekise ebantwini ababesuke bethamele izinkulumo zakhe. Wayeqhubeka athi: “Thina siyizithunywa zenu nje.” Imiphumela yokhetho lwalo nyaka ikhombisile ukuthi abantu banamandla kunosopolitiki okuthi uma sebeqhwakele ezikhundleni bese becabanga ukuthi umphakathi uyigula likamazixukuzele, kumele bakhulume noma kanjani nabo.
Ubupigogo obebukhonjiswa ngabanye abaholi, yibona kanye engibona buholele ekutheni emuva kwemiphumela, babonakale sebekhwaxele imisila phakathi kwemilenze kuhle kwengcanga ibanjwe oqotsheni imunya amaqanda akwamakhelwane. Phela ipolitiki ifana nebhola – njengoba washo uPitso Mosimane ngesiNgisi ngo-2017, esaqeqesha iMamelodi Sundowns, emuva kokuba ezakhe ziguqiswe yi-Orlando Pirates ngo-3-1, wathi: “Football will humble you” – politics will humble you.
Kwipolitiki-ke uma uphaphazela, ukhwela abantu emakhanda, ugcakagce kuhle kwesixhumo esiqiwini – singazi nanyaka kwazise sisuke singakaze siwabone amabhubesi – usinda kuphela uma une-medical aid, ngoba ‘politics will humble you’. Hhayi iyakuthobisa impela, uphoxeke usale umayoywana okwechwane likhishwe esijingini. Imiphumela yokhetho ivele yenze le nto okuthiwa yi-cardiac arrest, inhliziyo ime ngokukhulu ukuNxamalala lokhu. Ivele ikuzume nje.
Imiphumela yalolu khetho iyisifundo sokuthi uma ungumholi, ungababhampeli abantu ngoba mhla babona ukuthi usubhampa udlula i-tennis ball, bayakuphantshisa. Sengathi abazohola uhulumeni bangafunda ngokwenzeke kulolu khetho, babaphathe kahle abantu, kungakhathalekile ukuthi ngabaliphi iqembu futhi benze imisebenzi yabo ngokuzinikela.
Njengoba kucaca ukuthi kuzwelonke nakwezinye izifundazwe kuzoba nohulumeni wobambiswano, laba abazobe bencikile mabangafuni izikhundla ezibalulekile ngenhloso yokuyokweba imali yabakhokhi bentela ukuze bazinothise bona njengoba sibabona begqoka amasudi acwebezelayo sengathi yilaba befundisi abangama-international, abanye bagqoka izicathulo zo-R13 000, kodwa abantu basabhukuda obhukwini lwendlala emijondolo.
Abaholi mabenze lokhu abakushumayelayo uma bekhuluma ngentuthuko yomnotho, leyo ntuthuko mayingabi yimvula ena emagcekeni abo kuphela, kodwa abantu bome imilomo ogwadule lwendlala. Seningangithuka-ke uma nithanda. Mina njengeSilo sasemaChunwini, ngiyabazi osopolitiki. Kulezi zinto abebezikhuluma kuma-manifesto, yimbijana kuphela abayenzayo, benza kakhulu lokhu okungekho kuma-manifesto, okuwukuzicebisa. Make abaholi bethu basebenzise i-manifesto eyodwa, okuwubuntu. Uhlala kanjani kubhazabhaza wendlu kodwa abantu obaholayo belala ekopini lendlu ewu-1 room ngenxa yokuntula imisebenzi?
Kwayona leyo misebenzi kayikho nje, nguwena, uxosha abatshalimali ngemithetho yakho efe uhlangothi. Uxosha abatshalimali ngokuhluleka wukuqinisekisa ukuthi kukhiqizwa ugesi owanele ukuze amabhizinisi asebenze. Ngikhuluma nje, lapho ngihlala khona, ngaphansi kukaMasipala weTheku – amanzi okungesinye sezidingo ezibaluleke nje-ngomphefumulo – avele ahambe ijuba likaJosefa, kungcono nelikaNowa ngoba ngizwa kuthiwa lagcina libuyile.
Nabo-ke abantu bakithi, lolu khetho kumele lubavule amehlo. Kakusizi ukuvotela umuntu ngoba umthanda, kodwa ube wazi kahle ukuthi ufana nomuntu ohleli ebudlelwaneni obukuhlukumezayo. Kumele sifunde ukuvotela izidingo zethu, hhayi ukuthi sithanda bani, ngoba uthando nje ngokwemvelo, luyabhayizisana. Nibuze uSamson isigora saseBhayibhelini.
Ngibashayela ihlombe bonke abantu abaphume bayovota, njengoba wayesho uMntwana waKwaPhindangene ukuthi “yinina uhulumeni, yinina eninamandla”. Yivoti lenu eliphethe lawo mandla, kakukhathalekile ukuthi ngamandla omkhonto, awendlovu noma awe-fighter, kodwa lawo mandla abalulekile ekutheni wena uphile impilo engcono. Yingakho kubalulekile ukuthi lawo mandla uwaphathise okwezikhali zamaNtungwa, bese uwasebenzisa ngobuchule bamaChunu. Amen.
# Le ngosi iyi-satire, ungayifundi ngenhliziyo ngoba uzoba ne-cardiac arrest.
Hikhensile ngopfu ma-Afrika!