Kuhlaselwe kwabulawa ikhansela emzini walo
BHEKI NDLOVANA
SIMUNCU isimo endimeni yezepolitiki KwaZulu-Natal emuva kokubulawa ngesihluku kwekhansela leNational Freedom Party (NFP) kumasipala waKwaNongoma. Kukholakala ukuthi ukubulawa kukaNkk Ntombenhle Mchunu (75) kuhlobene nezepolitiki. UNkk Mchunu kubikwa ukuthi uhlaselwe izolo ngeSonto emzini wakhe elele, wadutshulwa washonela khona lapho. Lesi sigameko sesiqubule itwetwe emakhanseleni kulo masipala. Ekhuluma neLANGA izolo uNkk Babongile Sithole onguSomlomo kamasipala uthe: “Sishaqekile. Kuduma amakhanda. Asazi ukuthi kuzolandela bani.” Uthi bayazi ukuthi kunezinto eziningi ebezikhulunywa (kusatshiswa) kodwa “besingazi ukuthi kungaze kufike kude kangaka”.
Nakuba ethi azikho izinsongo abaziyo ngazo ezike zaqondiswa ngqo kuNkk Mchunu kodwa uthi emasontweni edlule ubaxoxele ukuthi kuke kwafika ingane yathi ithunywe ngumuntu othile obemi ngaphandle komuzi ukuba iyombiza, ufuna ukumkhokhela imali yakhe. “Wasitshela ukuthi akaphumanga, wayitshela ingane ukuthi abamyeke, akakweletwa muntu yena,” kulanda uNkk Sithole. UNobhala Jikelele we-NFP uMnu Canaan Mdletshe uthi bezikhona izimpawu ebezikhomba ukuthi kukhona obekuzokwenzeka. Uthi selokhu i-NFP ngokubambisana ne-ANC ne-EFF bengene emandleni okuhola umasipala wa- KwaNongoma, kunokusabisa obekulokhu kukhona obekuvela kubaholi beqembu elithile angaligagulanga ngegama.
“Sifuna kuboshwe noma ngubani okungenzeka ukuthi wenze izinsongo, kuhlanganisa nabaholi beqembu elithile lepolitiki,” kusho uMnu Mdletshe. UMnu Mdletshe uthi akwemukelekile ukuba amakhansela Kwa-Nongoma ahlalele ovalweni ngenxa yokuzinikela kwawo ukusebenzela umphakathi. “Leli yikhansela lesibili lesifazane le-NFP ukuhlaselwa esikhathini esifushane. Emasontweni amathathu edlule, uKhansela Nonhlanhla Zungu usinde emizamweni emibili yokumbulala. Manje sekwenzeka lokhu,” kusho uMnu Mdletshe. Uphiko lwamaphoyisa oluyisipesheli kuzwelonke oluphenya ngamacala athinta ipolitiki luphume inqina, luthungatha ababulali abahlasele uNkk Mchunu.
Ngokusho kukaBrigadier Athlenda Mathe okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, isigameko sokuhlaselwa kukaNkk Mchunu senzeke ngezithuba zehora lokuqala entathakusa. UBrigadier Mathe uthi ingane encane ebikhona ngesikhathi kuhlaselwa ilimale kanzima, kanti isesimweni esibucayi esibhedlela. Amaphoyisa aphenya icala lokubulala nokuzama ukubulala. Amaphoyisa anxusa noma ngubani onolwazi ngalesi sigameko ukuba awashayele ucingo ku-086 001 0111. bhekin@ilanganews.co.za