BONGINKOSI ZONDI
UKUBHEDUKA kwegciwane eliwuqothizizwe iCovid-19, kuphoqe amazwe amaningi phakathi kwawo okubalwa iNingizimu Afrika, ukuba ayale izakhamizi zawo ukuba zigonqe.
Emuva kokuvunywa yikhabhinethi, uhulumeni unqume ukumemezela leli lisu lokuvuselela umnotho wezwe, phecelezi i-economic recovery plan, ukuze izwe lihlengwe esimeni elibhekene naso.
Isimemezelo sikaMengameli Cyril Ramaphosa (osesithombeni), asenze kusihlwa ngoLwesibili, sishayelwe ihlombe wosomnotho namaqembu aphikisayo.
Iqhinga lokusimamisa umnotho linezinyathelo ezahlukene ezinohlangothi lwezemali nokungelona olwemali, ezizoqalisa ngaso lesi sikhathi ukuze – kushukunyiswe umnotho; kubuyiswe ukwethenjwa ngabatshalimali; ukunqanda ukulahleka kwemisebenzi nokudala amathuba amasha emisebenzi; nokuhlangabezana nezimo eziphuthumayo ababhekene nazo labo abadla imbuya ngothi.
Ziwu-4 izindawo ezizobhekelwa ngaleli lisu lokuhlenga umnotho:
* okokuqala, kuzokwenziwa izinguquko ezizothuthukisa umnotho
* okwesibili, kuzoba wukuhle-lwa kabusha kwezinhlelo zokusebenza kwesabelomali
* okwesithathu, kuzosungulwa isikhwama sengqalasizinda
* okwesine, kuzobhekwana nezindaba eziphuthumayo kwezemfundo nezempilo
* okwesihlanu, nokufaka imali ekuthuthukisweni kwengqalasizinda yomphakathi womasipala.
Umqulu wokusebenza Kwezimayini
IKhabhinethi yamukele Umqulu Obukeziwe Wokusebenza Kwezimayini (revised Mining Charter). Lokhu kwethenjwa ukuthi kuzovuselela lesi sigaba somnotho futhi kunike isiqiniseko kubatshalimali.
Izindleko zama-data
Emasontweni ambalwa ezayo uhulumeni uzoqalisa uhlelo lwezoku-xhumana ngokuvulela amathuba okuncintisana, ukhuthaze uku-tshalwa kwemali nokunciphisa izindleko zama-data, okuzovulela namakhaya ahlwempu ukuba aba-mbe iqhaza emnothweni wezwe.
Ukuhlela kabusha isabelomali kuhulumeni
Lokhu yikhona okuwumgogodla wesu lokuhlenga nokuvuselela umnotho ngokuqondisa kuleyo misebenzi ezoba negalelo elibonakalayo ekukhuliseni umnotho, wukudala amathuba omsebenzi, kugxiliswe kakhulu emnothweni wasemalokishini nasezindaweni ezisemakhaya, kwabesifazane nentsha. Ezolimo zibukeka zisendaweni ekahle yokuveza amathuba omsebenzi esikhathini esifushane neside esizayo.
Esambeni esiwu-R500 billion esimenyezelwe nguMengameli:
* R2 billion uzoba ngowokwelekelela izipaza namabhizinisi amancane;
* R20 billion uqondane nokulwa negciwane;
* R20 billion uzoya komasipala ukuze uqondane nokuhlinzeka ngamanzi;
* R50 billion uzokwengezwa emalini yezibonelelo;
* R40 billion uzoxhasa abaqashi abehluleka ukuholela izisebenzi;
* R70 billion ngowezinhlelo zentela emabhizinisini adonsa kanzima;
* R100 billion ngowokuvikela imisebenzi ekhona nokudala amanye amathuba emisebenzi;
* R200 billion ngowesiqinisekiso kwababoleka imali emabhange, noMnyango kaMgcinimafa.
Kulabo abaphonsa itshe esivivaneni iSolidarity Fund bayothola isaphulelo sika-10% emalini yentela. Abangasebenzi bazothola imali ewu-R2 100 esikhathini esiyizinya-nga eziwu-6, kanti abantwana izo-kwengezwa ngo-R2 800 ngesikhathi esifanayo.
i-BLACK BUSINESS COUNCIL
ILANGA lixhumane noMnu Sandile Zungu ongumengameli weBlack Business Council ukuba aphawule ngalesi simemezelo sikaMengameli Ramaphosa.
Uthe egameni lale nhlangano, usishayela ihlombe lesi simemezelo nesu uhulumeni eza nalo loku-hlenga umnotho.
Wathi lesi sinqumo siyingqo-phamlando.
Uthi bekungaba kuhle lo R500 billion ukuba ingxenye ewu-R200 billion iqondaniswe nasomabhizinisi abancane.
Uthe lokhu ukusho ngoba ngaphandle kokuba lesi sigaba sezomnotho sishayeke kakhulu, kodwa futhi yisona esibambe iqhaza elimqoka ekudaleni ama-thuba emisebenzi.
Phakathi kwalabo bantu uthe kubalwa amabhizinisi amancane njengokugeza izimoto, yizindawo zokudla, abadayisa emigwaqweni, nabanye.
Okunye wukuthi osomabhizinisi abancane banenkinga yokungabi nayo imali yokuwavusa amabhizinisi abo angase angabe esakwazi ukuphinda avuke ngenxa yokushayeka ngokumiswa kwayo yonke into.
Ube esenxusa ukuba uhulumeni ubeke imibandela kwabamabhange azokwaba le mali ukuze kuqikelelwe ukuthi kawayiqondisi ezikweletini ezingakhokheki ebezivele zikhona ingakabi bikho le-lockdown.
Maqondana nombono othi ukuze kube nesiqiniseko sokuthi le mali iyafinyelela emindenini eswele, uhulumeni angasebenzisa uhlelo oluvele lukhona ngokuyengeza kweyezibonelelo vele uhulumeni azikhokhayo kuze kuphele leso sikhathi abona sifanele, uthe lokho bayakweseka kuphetha uMnu Zungu.
bonginkosi@ilanganews.co.za