IZINGWAZI ZAKITHI: BONGINKOSI ZONDI
NGOKUDLULE kunokumbalwa esikubalile okungamampunge abeshiwo ematshwaleni ngoClive Barker. Okunye kwalokho wukwethiwa ngelithi nguMathousands kusukela emibikweni eyayithi emuva kokufaka iBafana Bafana kwiNdebe yoMhlaba eyayiseFrance ngo-1998, wafuna iholo lika-R100 000 ngenyanga ukuze aqhubeke nokucija iBafana kulo mqhudelwano.
Nokho iqiniso okusemqoka kubafundi ukulazi wukuthi empeleni izingxoxo phakathi kwakhe nabaphathi kwakuyibhonasi ka-R100 000 uma iBafana iyinqobile indebe ye-Afcon ka-1996.
IBafana yaphumelela kulokho, yaphumelela futhi nasemidlalweni yokuhlungela indebe yomhlaba eFrance, yanqoba kathathu umqhudelwano i-Four Nations. UBarker wenza izimanga ngeBafana nje, ubehola u-R12 500 ngenyanga!
Kamuva uCarlos Parreira owayehola u-R1,7 million ngenyanga, owabuye wanikeza ithuba umhlobo wakhe uJoel Santana ukuqhubeka nomsebenzi wokucija iBafana, kabazange banqobe lutho futhi kabazange baphumelelise iBafana kweyokuhlunga.
Kukumfundi ukuba afunde kwezakhe ukuthi ngabe ngaleyo bhonasi ka-R100 000 kwakuwubulungiswa yini ukubalisa ngokuthi uBarker unguMathousands.
Namanje uBarker uthi uyazisola ngokuba kuthi enikezwe ithuba lokusho umholo ayewufuna ngesikhathi enikwa yiSafa isikhundla sokuqeqesha iBafana, yena wabiza umholo ongu-R12 500 kuphela ngenyanga.
USOLWA NGOKUBAMBEZELA ABADLALI ABASEBASHA
Okunye wudaba lokuhlola abadlali abasebancane ukuze iBafana ingabi nayo inkinga yokuhanjelwa yiminyaka kwalabo badlali ayebasebenzisa.
Amagama ayegqamile kulokho kuhhomuzela kwakungelikaBennie McCarthy noSean Dundee. Iqiniso lithi babesezinhlelweni zakhe, okubalwa kubona nenxele elinguQuinton Fortune elase liqalile ukuziveza kwiManchester United yase-England.
Wayesebonile ukuthi uBennie wayengangena kahle endaweni kaDaniel Mudau njengomgadli.
Empeleni uBennie noSean waze wabahlola iBafana ibhekene ne-France kowobungani futhi bangena khaxa esitayeleni sakhe.
Babonga kuBarker ngethuba ayebanike lona futhi iqembu labathakasela kakhulu. Ngeshwa ama-agent alaba badlali ayebuka izinto ngenye indlela. Kuthe lapho esebamema ukuba bazozwana amandla neBrazil, ama-agent abhala acisha ngokubadedela okwagcina ngokuba bangafiki.
Uthi lokhu kwamephuca ithuba eliyingqayizivele lapho uBennie wayezobe eboshelwe khona nolozolo lwabagadli beBafana, okwakungoShaun Bartlett, uPhilemon Masinga noMark Williams.
UKUSEBENZISANA KWAKHE NABADLALI
Ubudlelwano obuhle phakathi ku-kaBarker nabadlali bakhe babunomthelela owaba nendima enkulu empumelelweni yeBafana njengeqembu.
Labo okwakungaba lula ukuba baphelelwe yindawo eqenjini ngokobugwegwe ukuba umqeqeshi kwakungesiyena uClive, yena ubebalawula ngempumelelo futhi bemthobela.
Ngaphandle kwalokho, ulwazi lwakhe ngonobhutshuzwayo belwenza abadlali bamhloniphe, hhayi ukuthi ubenekhono lokukhuthaza kuphela njengoba babesho abanye.
Umfundi uzokhumbula ukuthi lapha kukhulunywa ngabadlali abanye babo abebedlalela amakilabhu asezingeni eliphezulu e-Europe njengoLucas “Rhoo” Radebe, Philemon “Chippa” Masinga, Shaun Bartlett, Mark Fish, John “Shoes” Moshoeu, Eric Tinkler, Helman “Midnight Express” Mkhalele, Andre “Eagle” Arendse, nabanye.
Silithintile leli phuzu ngokudlule sathi nasencwadini yakhe kunesahluko uClive asibiza ngokuthi “Switch On, Switch Off” okusho impumelelo yakhe ukufundisa abadlali ukuwazi umehluko phakathi kwesikhathi sokusebenza nesokungcebeleka.
Laba badlali abalandelayo bayizibonelo zekhono likaClive lokuqonda isimilo somdlali ngamunye enkundleni nangaphandle kwenkundla:
Mark Fish
UBarker uteketisa uFish nge-orangutan, okusho isilwane esihlala ezihlahleni njengenkawu, kodwa owayengalifaki iqembu ezimweni eziyinhlekelele.
Ukhumbula esanda kuqala ukucija iBafana lapho wacela abaphathi ukuba bamhlelele imidlalo yobungani namaqembu aqinile.
Baya e-Australia lapho badlala nayo kabili. Emuva komdlalo wesibili lapho iBafana yehlulwa khona ngo-1-0, uClive wayelula imilenze emgwaqweni uKing’s Cross okwabe kuyindawo enezixhwanguxhwangu, wabona umuntu ayemfanisa esesiqhingini somgwaqo elawula ukuhamba kwezimoto njengoba kwenza amaphoyisa omgwaqo.
Wafika wamdonsa wamsusa lapho ngoba ebona inkinga ayelengela kuyona. Nakuba kunjalo kodwa uClive wayekwazi ukumbuyisela emgqeni futhi alidlalele ngempela iqembu.
Ubumqoka bukaFish babonwa nawuPhillip Troussier owaba wumqeqeshi weBafana kwindebe yomhlaba eFrance. Yilapho okwatholakala khona ukuthi abanye abadlali beqile ekhempini bayozitika ngamanzi amponjwana.
Kulabo badlali kwabikwa uGeorge Dearnely noNaughty Mokoena bamaZulu noBrendan Augustine owayedlalela iLASK-Linz yase-Austria.
Uthi empeleni noFish wayephakathi kwalabo badlali kodwa ub-na ukuthi uTroussier waqoma ukumgcina ngoba emdinga kakhulu kubadlali basemuva.
Mark Wiliams
UClive uthi ubemqonda ukuthi ungumuntu wamancoko uWilliams. Ukhumbula kudlalwa owamanqamu we-Afcon neTunisia lapho uWilliams akwamukela njengendoda ukumqala ebhentshini.
Uthi ngesikhathi yena njengomqeqeshi ehla enyuka phambi kwebhentshi lethimba leBafana, uMark wamkhuba ngonyawo, okwathi uma evuka lapho wamhlebela ukuthi angamkhohlwa.
UClive uthi phakathi kwesiwombe sesibili zibambene ngo-0-0, wenza izinguquko ezimbili ngasikhathi sinye wafaka noWilliams kulabo badlali ababesebhentshini.
UWilliams owayemagange ukungena, kwathi uma uClive emyalela ukuba angene, wamemeza kakhulu ejabula kwaze kwaqathaka amazinyo okufakelwa. UClive nabadlali babhekana kwacaca ukuthi akekho owayezocoshela uMark amazinyo. Sekuwumlando manje ukuthi ngomzuzu ka-73 uMark washayela iBafana igoli lokuqala ngekhanda elithola kuSizwe Motaung.
Emizuzwini engemingaki emuva kwaleli goli uDoctor Khumalo wafaka esikhaleni kamnandi ibhola maqede uMark waligijimela walivalela enethini.
IKHONO LOKUQONDA AMAKHONO ABADLALI
UBarker ubenesiphiwo sokusebenzisa abadlali ngokwamakhono abawaphiwe wuMdali. Uthi kungesize ngalutho ukulindela ukuba umdlali onjengoDoctor Khumalo abematasa emuva evimba izitha kanti ngokunjalo kakuphusile ukulindela ukuba umdlali onjengo-Linda Buthelezi ajike (dribble) abadlali beqembu ababhekene nalo.
Leli khono belingagcini ngabadlali ngoba uClive akasiyena umuntu ozishaya isifuba ngempumelelo yeBafana kodwa uyalitusa igalelo lethimba losomaqhinga kubona abala imenenja uGlyn Binkin, uJomo Sono, uMike Makaab, uBudgie Byrne noPeter Nyama ikakhulukazi ekuhlonzeni amandla nobuthaka emaqenjini iBafana eyayiqhathwe nawo.
Kamuva engaseyena umqeqeshi weBafana uClive waba nethuba lokuqeqesha iSantos yaseCape Town okuyilapho wasebenzisana khona no-Afzal Khan angawuvali umlomo ngolwazi lwakhe olunzulu ngonobhutshuzwayo wakuleli, nakubona kuyishwa ukungasetshenziswa kwakhe eqenjini lesizwe.
IKHONO LOKUXAZULULA IZINKINGA ZOKUPHATHA
Olunye utalatiya uClive akwazi ukuluxazulula ngempumelelo kwaba wudaba lobunzima bokuthola abadlali ukuzomela izwe labo.
UHoward Wilkinson owayeyimenenja yeLeeds United eyayiphokophele ukubuyela esigabeni esikhulu wayebadinga kakhulu uLucas Radebe noPhilemon Masinga kangangoba wayesemadolo nzima ukubadedela futhi eseqalile ukudalela uClive ikhanda elibuhlungu njalo nxa ebacela.
Kwaze kwafika lapho ethi ku-Clive makamkhethise phakathi kukaLucas noMasinga. UClive wameluleka ngokuba athathe uLucas okwalandelwa wukuba amdedele uMasinga ukuyodlala kwiligi yase-Italy.
Wayihlaba esikhonkosini lapha uBarker ngoba kwakusho ukuthi iLeeds yayisizokhathazeka ngokudedelwa komdlali oyedwa, kanti noChippa wafika waqhubeka nokudlala kahle ewashaya amagoli e-Italy nakwiBafana.
UFish uthi yena ubona impumelelo kaBarker enkulu ngaphezulu ngisho kokunqoba indebe ye-Afcon wukwamukela ukuthi uNeil Tovey owayesehanjelwe yiminyaka kwase kushaye isikhathi sokuba amkhiphe kwesokuba wukaputeni weBafana ukuze aqhubeke nabadlali abasebasha ukuya eFrance kweyendebe yomhlaba ngo-1998.
NgoMsombuluko sizoyiphetha indaba yethu ngokubheka ukunqoba kweBafana umqhudelwano we-Afcon 1996, nokuthi abadlali bebembona engumuntu onjani uClive kanjalo nohlu lwamaqembu asebenze nawo ngaphambi nangemuva kokucija iBafana.