IRichards Bay FC ibona iNedbank Cup izobasiza ukuvika izembe

107

IZOLWELA ukushaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa iRichards Bay FC efuna ukuhamba ibanga elide kwiNedbank Cup nokuvika izembe kwiDStv Premiership.

Lokhu kushiwo nguVusumuzi “Kanu” Vilakazi ongumqeqeshi weBay FC ngaphambi komdlalo neSuperSport United we-last 16 kwiNedbank ozokuba ngoMgqibelo ngo – 15h00 eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

IBay ivika izembe njengoba ihlezi endaweni yesibili ukusuka ebhulekini. UKanu uthi ithemba lisekutheni usemshaye kathathu uGavin Hunt (ocija iSuperSport) amehlule ekwi-Arrows, wamphinda ecija iChippa United namanje esekwiBay.

Previous articleZiphoqeleka ukuphatha amakhondomu izisebenzi okwesatshwa ukuthi zizodlwengulwa
Next articleBasazoduva eSwazini abasolwa kwelokubulawa kuka-AKA ngenxa yokutotoba kweNingizimu Afrika