ISABC ixolisile kwiSAPS ngolukaZimdollar

1287

BHEKI NDLOVANA 

I-SABC ithi isixolisile kwiSAPS ngesenzo somsakazi woKhozi FM, uZimiphi “Zimdollar” Biyela esicasule amaphoyisa, kwaze kwaphawula nongqongqoshe wawo, uMnu Bheki Cele. 

Nakuba ithi isixolisile kwiSAPS, kodwa ayicacisi ukuthi zinyathelo zini ezozithathela uZimdollar.  

Okhulumela iSABC, uNkz Mmoni Seapolelo, uqinisekisile kwiLANGA ukuthi inhlangano yabo isixolisile kwiSAPS, nasemphakathini. 

NgoLwesibili, uNgqongqoshe uCele uphawule ngesenzo salo msakazi “ohlasele” amaphoyisa wathi: “Kuzozwakala maduze ukuthi ubekwenziswa yini lokhu.”

Wexwayise abahambisana nezigebengu besebehlasela amaphoyisa uma enza umsebenzi wawo, wathi bazothathwa ngoku-thi bayizigebengu kwabona. 

Ngesonto eledlule iSAPS ifake isikhalo eSABC mayelana nesenzo sikaZimdollar sokuhlasela amaphoyisa emoyeni emuva kwesigameko lapho (amaphoyisa) edubule abulala uMnu Nkululeko Mkhize, obizwa ngosomabhizinisi. 

UZimdollar – obezwakala ukuthi udinwe uyaqhuma – ugxeke amaphoyisa ngokuthi avele adubule abantu nje bese ethi adubule ngoba abedutshulwa. Ubemi embuzweni wokuthi kungani wona amaphoyisa ahlale edutshulwa. 

Ukhulume waze wathi: “Siyabona ukuthi ukhona umyalelo okhishiwe ukuthi akubulawe abantu, kugcine kufa abantu abangenacala. ” 

Le nkulumo kaZimdollar isukumise ihhovisi elikhulu lamaphoyisa KwaZulu-Natal, laya oKhozini FM. UCapt Nqobile Gwala ukugxekile ukusetshenziswa komsa-kazo kugxekwa amaphoyisa “enza umsebenzi wawo”. Uthe akulona futhi iqiniso ukuthi kukhona umyalelo okhishiwe wokuthi kubulawe abathile. 

Previous articleUgeqa amagula okubulawe unina “yizinkabi” zikamnakwabo
Next articleUDudu Myeni udedelwe ngebheyili kwelenkohlakalo