Ilanga News
Home 9 Featured 9 ISadtu ayizisoli ngokulwisa owezemfundo

ISadtu ayizisoli ngokulwisa owezemfundo

by | 12 November 2024

Isithangami seSadt ebesibizelwe abezindaba NGU: JOHN HLONGWA

MTHOBISI SITHOLE

AYIZISOLI iSadtu ngokuphazamisa uNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo, uNkz Siviwe Gwarube embizweni kaMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa ngesonto eledlule eThekwini. Inyunyana yoThisha i-South African Democratic Teachers Union (Sadtu) iveze lokhu esithangamini sabezindaba eThekwini namhlanje ngoLwesibili, ikhala ngezinkinga ezikhungethe izikole esifundazweni iKwaZulu-Natal. UNobhala weSadtu KwaZulu-Natal uNkz Nomarashiya Caluza uthi ukungahloniphi kukangqongqoshe izinkinga zothisha, yikhona okubacasulayo.

“Ungqongqoshe uhluleka ukulalela umqashi washe okungumengameli wezwe. Akavumanga ukusayina umthetho weBella Bill ngoba elandela okushiwo yiqembu lakhe, uyakhohlwa ukuthi akasiyena ungqongqoshe wenhlangano yepolitiki. Sinezinkinga eziningi ezingalungisekile ezikoleni okufanele engabe uyazisukumela, okusho ukuthi yena ulwa nezinguquko ezinhle ezizothuthukisa imfundo yabantwana,” kusho uNkz Caluza.

Uthi bakhala ngokungakhokhelwa kwezikole izimali zezinsiza kusebenza. Uveze ukuthi kusukela  nyakenye izikole zidonsa kanzima. Uthi kulo nyaka zinkulu kakhulu izinkinga njengoba kubhalwa izivivinyo kushoda ngisho amaphepha okugaya.

mthobisis@ilanganews.co.za 

Ezisematheni

Benqatshelwe ibheyili onogada ‘abahlasela’ umshayeli we-Uber

Benqatshelwe ibheyili onogada ‘abahlasela’ umshayeli we-Uber

YIZITHOMBE ezithwetshulwe kwiVideo yesigameko esenzeka KwaNdengezi, ebonisa umshayeli we-Uber ehlaselwa ngonogada bamatekisi emigwaqweni (patrollers). BAZOBUYELA enkantolo ngoLwesithathu abalisa abathathu abangabaqaphi bamatekisi emgwaqweni (patrolers) abasolwa...

Mkhulu kakhulu umehloko phakathi komhlonyane nomemulo

Mkhulu kakhulu umehloko phakathi komhlonyane nomemulo

NGUMLINGISI uHope Mbhele ngesikhathi enzelwe umemulo. Sikhulume ngembeleko ngokwedlule. Nokho siyichaze njengalokhu seyazeka esikhathini sanamhlanje ngoba singafuni ukuxuba, sizithole sekudidaniseka nomhlonyane owenzelwa ingane yentombazane lapho isithombile. Imbeleko...

Kwakhiwa ubumbano lothisha ngezemidlalo

Kwakhiwa ubumbano lothisha ngezemidlalo

BAZOKWAKHA uzinzo ngokuhlelwa kwemidlalo yebhola yothisha kwinyunyana ebekade kungabonwa ngaso linye kuyona emuva kwengqungquthela yokukhethwa kobuholi obusha nyakanye. INational Teachers Union (Natu) ihlele imidlalo yothisha mhlaka 25 no 26 kuyona lenyanga...