ISafa idilize uTovey

112

Ingxabano idalwe wumholo kuMkhukhu osevule izandla kwawePSL

MFANAFUTHI NDLOVU

UNEIL Tovey odilizwe yiSafa esikhundleni esimqoka kule nhlangano.

KUBEKWE ibhaxa lempilo ebuthaka kudilizwa esikhundleni esimqoka uNeil “Mkhukhu” Tovey obengusomaqhinga kwiSouth African Football Association (Safa).

Kulesi sikhundla uTovey ubebhekene nomsebenzi wokuqinisekisa ukuthi amaqembu esizwe akuleli agijima uhlobo olulodwa lukanobhutshuzwayo.

Okunye bekuwukugcina ubudlelwano bubuhle kwiSafa nabaqeqeshi bamakilabhu agijima kwiPremier Soccer League (PSL), ukusiza kwiBafana Bafana nxa kwakhiwa amaqhinga okucoboshisa izitha, ukukha nje phezulu.

Le nkakha yathola lo msebenzi ngenxa yomlando wayo omuhle njengoba kuyiyona eyayingukaputeni weBafana inqoba i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngo-1996 kuleli.

Izindaba zokudliwa wumgxala kukaTovey kulesi sikhundla ziqinisekiswe nguDominic Chimhavi ongumxhumanisi weSafa nabezindaba ekhuluma naleli phephandaba izolo ngeSonto. 

Nokho uthe yize esusiwe kulesi sikhundla kodwa usazoqhubeka nokuba sezinhlakeni zeSafa.

UTovey udliwa yizembe nje, u-Adv Tebogo Motlanthe oyisikhulu esiphezulu esibambile kule nhlangano walibeka ngesihloko ngesikhathi enikwa lo msebenzi elokuthi uzokhuculula kule nhlangano ukwehlisa izindleko ezingenasidingo.

UDominic uthe: “Sihlukane kahle noTovey futhi wazisiwe ngalolu hlelo iSafa ephezu kwalo. 

“Empeleni akekho ongazi ukuthi uTovey nakuba eseluleme ngokwanele ekuguleni kodwa umsebenzi awenzayo ubumningi kakhulu, udinga umuntu ozokwazi ukumelana nawo ngoba uyagqilaza kakhulu.”

UTovey uvumile ngesikhathi ethintwa yiLANGA ukuthi impela kuhlukana inhloko nesixhanti neSafa kwazise inkontileka yakhe yeminyaka eyisihlanu beyivele iphela kuleli sonto. 

Uthi okwenze kayaze yavuselelwa wukuthi kabavumelananga ngomholo. Uthe usazoyicabanga eyokuqhubeka emakomidini ayo kwazise usebuyele eThekwini.

Uzishaya isifuba ngokwenzela iSafa imilingo njengoba ethi amaqembu esizwe adlale emiqhudelwaneni emqoka ubuthaphuthaphu ngaphansi kwakhe. 

Uthi usazimisele ngomsebenzi wokuqeqesha kwazise uke wayibamba emakilabhini ehlukene kwiPSL.