MFANAFUTHI NDLOVU
KULINDELEKE ukuba uhlale kusasa ngoLwesibili umhlangano phakathi kwezikhulu ezimqoka ze-South African Football Association (Safa) nezePremier Soccer League (PSL) ukubhunga ngendlela ebheke phambili kunobhutshuzwayo wakuleli.
Lezi zinhlangano zisanda kutshelwa nguNgqongqoshe WezeMidlalo uNathi Mthethwa, ukufika kuyena seziphethe izwi elilodwa ngokuzokwenzeka ngemidlalo ye-Absa Premiership yokusonga le sizini ka-2019/20, eyamiswa isigubhukane kugonqa izwe ngenxa yokubheduka kweCovid-19.
Izincomo zabezimpilo beSafa zithi ibhola lingadlalwa kuphela ngaphansi kuka-level 1 we-lockdown ekubeni njengamanje elakuleli likwi-level 4. Ngakolunye uhlangothi kuthiwa iPSL izama uku-mpintsha ukuba kudlalwe kuwona u-level 4, kodwa kungabi bikho balandeli ezinkundleni.
Izolo iCity Press ibike ukuthi umhlangano wangoLwesine wesigungu esiphezulu sePSL uhlongoze ukuba amakilabhu awu-16 alesi sigaba adlaliswe ngokwamaqoqo amabili ukuqedela imidlalo esele. Ngokwalo mbiko, le midlalo ingagijinyelwa ezinkundleni ezimbili, elinye iqoqo lizinze eLimpopo elinye ligobe amadlangala eGauteng. Nokho kayitholakalanga iPSL ukuphawula kulo mbiko we-City Press kanti nemizamo yeLANGA kayiphumelelanga ukuthola incazelo ezikhulwini zale nhlangano ephethe ibhola elikhokhelayo kuleli.
Indaba yomhlangano weSafa nePSL iqinisekiswe nguDominic Chimhavi okhulumela iSafa.