ISafa nezinguquko ngomdlalo weBafana neZimbawe

337

MFANAFUTHI NDLOVU

ISAFA yenze izinguquko ngomdlalo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba yeFifa, ophakathi kweBafana Bafana mhla ka-11 kuNhlangulana (June) eFree State Stadium, eBloemfontein

Lo mdlalo bekufanele ugijinywe ngo-21h00 ebusuku ngokohlelo lweFifa, kodwa iSafa yacela ukuba ugijinywe ngo-18h00. 

ULydia Monyepao (okwesokunxele esithombeni), oyisikhulu esiphezulu kwiSafa, utshele abezindaba ukuthi ngenxa yokuphambana kwezikhathi ezikhishwe yiFifa, baphoqeleke ukubhala incwadi benxusa ukuthi lo mdlalo ube ngo-18h00. 

Uveze ukuthi bebefuna ukuba udlalwe ngo-19h30 kwazise wusiko lwaseNingizimu Afrika njengoba nemidlalo eminingi yeDStv Premiership ivame ukudlalwa ngalesi sikhathi. 

“Ngabe kasibenzi ubulungiswa uma sivumelana nalesi sikhathi ekubeni umdlalo uzobe ungoLwesibili. “Njengamanje abalandeli sebezokwazi ukuphuma kahle emsebenzini ukuyobona izingwazi zabo,” kusho yena.

Khonamanjalo, kugiye abadlali bakuleli ngesikhathi kuklonyeliswa abadlali abenze kahle kwiCosafa emcimbini weCosafa Awards obungeledlule, eSandton Convention Centre, eGauteng. 

URonwen Williams weMamelodi Sundowns ube ngunozinti wonyaka, uThapelo Maseko waba ngumdlali othembisayo wonyaka, u-Andile Dlamini ongunozinti weqembu labesifazane leSundowns waba ngunozinti ovelele kwabesifazane, uRhulani Mokwena opheka le kilabhu waba ngumqeqeshi wonyaka. 

UPercy Tau udle umhlanganiso wokuba ngumdlali wonyaka, uDesiree Ellis opheka iBanyana Banyana waba ngumqeqeshi wonyaka wabacija abesifazane.

Previous articleAmavoti azobalelwa ezikhungweni ngaphambi kokuba athuthwe
Next articleBahlose ukugcina isiko ngengoma yamanyuvesi