U-Ofori ulubalubela ukuqukula iCaf neBucs
SENZO SOKHELA
ULUBALUBELA ukunqobela i-Orlando Pirates inkanyezi yesibili uRichard Ofori ongunozinti omqoka wale kilabhu ebeziya ngokuqina izinsolo zokuthi uyahamba kuyona, kodwa yanquma ukumgcina. IBucs ibhekise amabombo eSpain ngeledlule lapho iyokwenza khona amalungiselelo okuqala kwesizini entsha. Kubukeka izinto ziyihambela kahle njengoba isinqobe imidlalo emibili yesihle eyigijime kuleliya lizwe. NgoLwesine ihlule iMaccabi Tel Aviv yakwa-Israel ngo-1-0 wegoli likaPatrick Maswanganyi esanda kumsayinisa esuka kwiSuper-Sport United. NgoMgqibelo ikuphindile lokho ihlula ngo-3-1 i-Independiente del Valle. Kuzokuthi ngoLwesithathu ibhekane neLas Palmas engenye yamakilabhu agijima esigabeni esikhulu eSpain, iLa Liga. U-Ofori uthembisa lukhulu njengoba ezakhe zizokuba yingxenye yeCaf Champions League ngale sizini.
“ICaf Champions League wumqhudelwano omkhulukazi esinawo e-Afrika. Kuyiphupho lanoma yimuphi umdlali ukuba yingxenye yawo ngoba kusho lukhulu kithina, kodwa-ke lokho kakusho ukuthi siyotetemuka, siyolwa ngoba sifuna ukuwunqoba. Esikuyela kulo mqhudelwano wukuyophakamisa ibheji le-Orlando Pirates ngokuthi silwele ukunqoba enye inkanyezi,” kusho u-Ofori obesezintini emdlalweni weMaccabi. Lo nozinti oyisekela likakaputeni eqenjini lesizwe laseGhana, uthi isaqaqamba inhliziyo ngokuphuthwa yithuba lokugijima emqhudelwaneni weNdebe yo-Mhlaba obuseQatar ngonyaka owedlule ngenxa yokulimala. “Ukuphuthelwa wumqhudelwano weNdebe yoMhlaba kube nezinselelo, kwayishaya ingqondo yami kwazise yiphupho lanoma yimuphi umdlali ukuba yingxenye yale midlalo emikhulu emhlabeni. “Ngishayekile, namanje kusezwela kodwa kufanele ngidlule kukhona ngoba impilo iyaqhubeka,” kusho u-Ofori. IPirates yaba yikilabhu yokuqala yakuleli ukunqoba inkanyezi ngesikhathi idla ibhedu kwiChampions League zngo-1995 ihlula i-Asec Mimosas yase-Ivory Coast ngo-1-0 wegoli likaJerry “Legs of Thunder” Skhosana. Eyesibili yi- Mamelodi Sundowns enqobe lo ngo-2016.