Isazi samasiko siyakhala ngokungalandelwa kwesintu

1374

UDkt VVO Mkhize uthe bekumele iqale ihlanzwe indawo ngaphambi kokuba ivulwe

NOMFUNDO NGWANE

LAPHA kungesikhathi kuvulwa ngokusemthethweni isikhungo sikaMnu Nelson
Mandela ngoLwesibili esiseMidlands. ISITHOMBE SITHUNYELWE

ISAZI samasiko sikufanise nokuthela amanzi emhlane wedada ukuvulwa ngokusemthethweni kwesikhungo somlando esiqanjwe ngoMnu Nelson Mandela, iDr Nelson
Mandela Multipurpose and Exhibition Centre ngoLwesibili eMandela Capture Site, eLions
River, eHowick njengoba lokhu kungenziwanga ngokwesintu.
Lesi sakhiwo sisendaweni okwaboshwa kuyona uMnu Mandela owagcina edonse iminyaka ewu-27 evalelwe.
Engxoxweni ekhethekile ILANGA elibenayo noDkt Velaphi “VVO” Mkhize woMsamo Institute, uthe bekumele iqale ihlanzwe ngokwesintu lendawo ngaphambi kokuba kwenziwe
lo mcimbi obuhlelwe wu-Mnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-
Natal futhi kwenziwe umcimbi wesintu kunokuba kwenziwe izinto ngesilungu.
“UMandela ngesikhathi eboshwa, kwakufanele agwetshwe isigwebo sentambo, kodwa wasinda, wavikelwa ngamathongo ase-Afrika okuyiwona agcina emkhiphe ejele ephila.
“Wayengomunye wabakhethekile kuleli ukuba alwele isizwe sabamnyama ababecindezelwe
ngabamhlophe. Wayenomndeni wakhe, efundile wagogoda, amathongo akwenza ngamabomu ukuba kube ngumuntu ofunde wagogoda ozoba wumhlatshelo wokulwelwa abansundu,” kusho yena.
Uthi ukuba uhulumeni waseNingizimu Afrika uyawahlonipha amasiko esintu, bekumele kwenziwe wonke amasiko esintu ukuvulwa kwaleya ndawo ukuhlonipha ukuthi umlando okhunjulwayo ngowomuntu okhethekile futhi ozalwa ebukhosini, enjalo nje waboshwa nje elwela abansundu ukuba baphume engcindezelweni.
“Bekumele ihlanzwe ngokuba kugingqwe izilwane, okuyizinkomo, ngokosiko lwansundu
uma kwenziwa imicimbi yesintu noma inhlambuluko kubizwe iSilo, amakhosi ezizwe ngokwahlukana kwazo, kubizwe namabutho azohuba. Kuyethusa ukuthi uhulumeni
wethu ungabantu abamnyama kodwa izinto uzenza ngesilungu, kawukholelwa esintwini,
yingakho izwe libukeka lidunguzela kangaka.
“Kuningi okusazokonakala kuleli zwe uma uhulumeni uqhuba ngale ndlela. Le nto bekungamele yenziwe ngokwepolitiki noma ngokwenkolo,” kusho uDkt Mkhize.
Lesi sikhungo sivulwe saqondaniswa nomhla ka-11 kuNhlolanja (February) okuwusuku uMnu Mandela adedelwa ngalo ejele ngo-1990, kanti nonyaka ngabe ugubha iminyaka ewu-30 wakhululwa ukuba usadla anhlamvana.
Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal,
uMnu Senzo Mzila, ephawula mayelana nombono kaDkt Mkhize, uthe: “Umcimbi wango-
Lwesibili bekungowokugubha iminyaka ewu-30 uMnu Mandela waphuma ejele, umnyango ukwenze lokhu wakuhlanganisa nokuba kuvulwe ngokusemthethweni lesi sikhungo.
“Siyayihlonipha kakhulu imibono yabantu ikakhulukazi ethinta le nqalabutho.”

Previous articleUmdlali waseMphithi ulibangisa eSpain
Next articleIzingane ziweliswa ngabazali emfuleni