Isekubhaceni inkosi “ethelwe isibhaxu” yiphoyisa

1141

PHUMLANI GAMA

YETHUKA izanya iNkosi yakwaMdlalose, uLwazi Mdlalose (30), eBhekuzulu, eVryheid, ethi isekubhaceni kumanje yesaba iphoyisa elivulele icala lokuyishaya. Inkosi ithi lokhu kwenzeke emuva kwesigameko sokushayelisana kabi emgwaqweni osenkabeni yedolobha lendawo. Itshele ILANGA ukuthi yehlelwa yilo mhlola nje, ibihamba ngemoto encane nomunye wesilisa wasendaweni, ongumngani wayo. Ithe bafike erobhothini livalile, okuthe besalindile, kwafika imoto yamaphoyisa yama ngemuva kwabo, yashaya amalambu akhombisa ukuthi ifuna ukwedlula. Besingekho isikhala sokuyidlulisa ngoba irobhothi belivalile, ngokusho kwenkosi. Kuthe kusenjalo, kwaqhamuka imoto ebinabantu abayaziyo (inkosi), yashaya ihuthi.

ILANGA lisibonile isithombemnyakazo (video), okubonakala kusona imoto yamaphoyisa izama ukuvimba iKIA Picanto, ebihamba inkosi.

“Emuva kwalokho, obephakathi uthe kimi yini le nto engiyenza emgwaqweni. Ngibuze ukuthi yini iphutha lami, wathi mangehle emotweni, ngiye kuye. Ngikwenzile lokho, wangithuka ethi ngiyingane, ngihlanyiswa wukuhamba ngemoto yabazali. Ungibize ngaphansi kweziketi zikamama ongizalayo, emuva kwalokho wanginyathela ezinyaweni ngamabhuzu. Uthe ngiyisiphukuphuku, ngaphendula ngokuthi isiphukuphuku nguyena ovele wangehla ngenhlamba ngaphandle kwesizathu.

“Ngisuke lapho ngaqonda esiteshini samaphoyisa ngemuva kokuba engihlukumezile. Kuthe uma ngifika esiteshini samaphoyisa, waqhubeka nokungishaya phambi kukazakwabo, ethi uzongiqeda ukusa. Ubengigqimuza ngisho nasemakhabetheni,” kuchaza inkosi.

Ithi kumanje isekubhaceni ngoba yesaba umsolwa.

“Ekhaya ngingena ngihlale isikhashana ngoba nginovalo ngokuphepha kwami, lo muntu engimvulele icala uyingozi,” kusho inkosi. Umsolwa kuthiwa uyisakhamuzi esizweni senkosi, kanti kuthiwa unomlando wokuba nesandla esilula emalungwini omphakathi.

ILANGA lixhumane noMnu Siboniso Mngadi okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, othe ubengenalo ulwazi ngalesi sigameko. Uthe kuzokwenziwa uphenyo emuva kwalokho kube nezinyathelo ezithathwayo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseVryheid aphenya icala lokushaya nelokukwehlisa isithunzi emuva kwesigameko esenzeke kuKerk Street.

phumlani@ilanganews.co.za

Previous articleIsilomo soZalo sishiye lo mdlalo ngenxa yedlozi
Next articleZifinyeziwe izinsuku zokuvota kokamaskandi ne-quantum