Iseluleko seDowns kubaphathi bePSL

939

Bafuna iligi iqedwe noma kungaba yingoMandulo

MFANAFUTHI NDLOVU

IMAMELODI Sundowns ebe yizingqwele ze-Absa Premiership nyakenye ithi mayiqedelwe imidlalo yakule sizini. 

WELULEKA abaphathi bePremier Soccer League (PSL) ukungathathi isinqumo esizokwenza iKaizer Chiefs inhlekisa eminyakeni eminingi ezayo, ngokuyinika isicoco se-Absa Premiership etafuleni, omunye wabaqeqeshi abahlonishwayo kuleli.

UManqoba “TV” Mngqithi oyisekela likaPitso “Jingles” Mosimane ongumqeqeshi weMamelodi Sundowns okumiswe imidlalo yeligi ibambe isibili kwi-log yalesi sigaba, uthi kungaba yiphutha elikhulu uma kungakhishwa imiklomelo imidlalo yeligi ingaqedeliwe. 

Imidlalo imiswe ngenxa yokubheduka kweCovid-19 emise kabi umhlaba wonke.

Kunamazwe asethathe isinqumo sokuklomelisa amakilabhu okumiswe amaligi awo eqhwakele njengeyaseFrance lapho isicoco sinikwe iParis Saint Germain (PSG) kwathi i-Amiens SC egijinyelwa nguBongani “Ben 10” Zungu wakuleli yagencwa yizembe. I-Amiens izama ukuludlulisa lolu daba.

Isigungu esiphezulu sePSL sizohlangana ngoLwesine ukuthatha isinqumo ngokumele kwenzeke ngeligi yakuleli.

Empeleni iCaf eyengamele ibhola e-Afrika, ibibeke usuku lwakusasa ngoLwesibili ukuba amaligi akuleli lizwekazi acacise ngokuzokwenzeka kwazise kunafuna ukuqhubeka nemidlalo esele uma sekuvulwe amazwe kanti amanye ahlongoza ukukhipha imiklomelo imidlalo ingaphelile.

Yilesi sizathu-ke esenze uMngqithi walibeka ngembaba elokuthi iPSL kumele ithathe isinqumo so-kuba imidlalo iqedelwe kungakhathalekile ukuthi lokhu kuyokwenzeka ngayiphi inyanga.

“Ngisho kungathiwa iligi iqhubeka ngoMandulo (September) lokho kakunankinga. 

“Kuyofuneka ukuba kuqale kudlalwe le midlalo ewu-9 esele, bese sinikwa ikhefu lamasonto amabili ukudedela abadlali abaphelelwa yizinkontileka ukujoyina amakilabhu amasha, bese kuqala umshikashika wesizini entsha,” kusho uMngqithi.

Kuhlongozwa ukuba abadlali abaphelelwa yizinkontileka ngo-Nhlangulana (June) baqhubeke emakilabhini abakuwona kuze kube kusongwa imidlalo yale sizini njengoba iphazanyiswe yisimo esingaphezulu kwamandla.

“Njengabaqeqeshi kungadingeka ukuba silungise amakilabhu ethu ukugijima imidlalo ewu-38 noma ewu-40 yeligi (okuyilena esele ewu-9 newu-30 yesizini ezayo) okuyinto eyenzekayo emazweni amaningi ase-Europe. 

“Ukuqedelwa kwemidlalo kumqoka kakhulu kwazise vele se-kusebenze imali enkulu kugijinywa le midlalo ewu-21 edlule. Kunamakilabhu athembele emiklomelweni yokuqeda isizini esezindaweni ezithile ukugcina amabhuku awo ezomnotho ekahle,” kusho uMngqithi.

Uthi uyakuqonda nokuthi abaxhasi bayashayeka njengoba imidlalo imile kodwa lesi yisimo esingaphezulu kwamandla ezikhulu. 

Ugcizelele nokuthi lesi simo sibaphazamise kakhulu benga-baqeqeshi kwazise kabakwazi ukuhlangana nabadlali.

Previous articleAtshalwe ngaphandle kokuphelezelwa yizizwe zawo amaKhosi
Next articleAsolwa ngokubulala iphoyisa lenkosi amasosha