Isethembiso se-IFP ngoMasipala weTheku uma inqoba KwaZulu-Natal

390

LUCKY CAIN

USHAYE indesheni emalungwini e-IFP, umengameli waleli qembu, uMnu Velenkosini Hlabisa, ngokuthi bangagcwali emabhishi ngosuku lokwethulwa komqulu walo wezethembiso zokhetho ozoba ngeSonto eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. UHlabisa ubekhuluma emcimbini waleli qembu obusenkundleni yezemidlalo KwaMgqomo, kwa-B, KwaMashu ngeSonto. Unxuse abalandeli beNkatha ukuba baphume ngobuningi ukuyogcwalisa le nkundla njengoba kuzobe kuyithuba eliyingqayizivele lokuthi bazizwele ukuthi ibaphatheleni uma inqoba ukhetho, ikakhulukazi KwaZulu-Natal. 

Uthe i-IFP inethuba elihle lokunqoba kulesi sifundazwe njengoba kuyimanje yilona eliphikisa ngokusemthethweni esiShayamthetho saKwaZulu-Natal. Uzwakalise ukuthi ukwenza kahle kwaleli qembu okhethweni lohulumeni basekhaya nasezinkethweni zokuchibiyela, yikhona okubanika ithemba lokuthi basethubeni elihle lokuphatha lesi sifundazwe. 

Uveze ukuthi kuningi abazimisele ngokukwenzela abantu uma benikwa ithuba lokuphatha. Ubalule nodaba lukagqamcishi (load shedding) athe kumqoka ukuba izwe lihlale linogesi ukuze kwakheke amathuba emisebenzi, kuheheke nabatshalimali. Unxuse abantu – abazobe beqhamuka ezindaweni ezahlukene ukuya engqungqutheleni yabo eMabhida – ukuba bangagcwali emabhishi ngosuku lomcimbi, kodwa babe yingxenye yale ngqophamlando yabo njengoba bezobe beqala ukwethula usomqulu wabo kule nkundla. 

Wenza lesi sicelo nje, emasontweni amabili edlule, iningi labalandeli be-ANC libonakale ligcwele emabhishi ngesikhathi kuqhubeka izinkulumo zokwethula izethembiso zokhetho kuyona le nkundla. 

UMnu Thami Ntuli oyifolosi le-IFP kwesobundunankulu waKwaZulu-Natal, ubekhona kulo mcimbi. Ukubeke kwacaca ukuthi uma benqoba ukhetho, okunye okokuqala abazokwenza wukufaka uMasipala weTheku kumlawuli ngenxa yokuthi izinto zimapeketwane kuwona.

Previous articleBavule isikhwama sokuthuthukisa abesibongo sabo oDlamini
Next articleAbazali mabangafezi amaphupho abo ngekusasa lezingane