U-Arthur Zwane akaliphonsi ithawula
SENZO SOKHELA
UTALAJWE wathumela umyalezo kubalandeli beKaizer Chiefs u-Arthur “10111” Zwane ongumqeqeshi wale kilabhu elokhu iqhubeke njalo nokuphoxa abalandeli bayo. Amazulu anenebule iChiefs ngo-4-0 koweDStv Premiership ngoLwesihlanu ebusuku eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Amagoli oSuthu avalelwe enethini nguDumisani Zuma, uRamahlwe Mphahlele, uJunior Dion noBongi Ntuli. IChiefs ike yathola iphenathi ngesiwombe sokuqala, eshaywe nguCaleb Bimenyimana yavinjwa nguVeli Mothwa ongunozinti woSuthu.
Abalandeli beChiefs baphume kulo mdlalo bedinwe beqhuma ngenxa yendlela ebhudluzwe ngayo le kilabhu yaseNaturena. Abanye bebelibeka ngesihloko elokuthi kabayiboni iChiefs iya phambili ngaphansi kobuholi buka-10111. UZwane uthe uyakuqonda ukuthi abalandeli bathukuthele njengoba ikilabhu ingenzi kahle, wabe esenza isethembiso kubona. “Kubalandeli bethu, ngifuna ukusho ukuthi sisazowaphendula amatafula, noma kanjani basazojabula futhi (abathandi bale kilabhu). “Ngiyakuqonda ukuthi kabeneme kodwa izinto zisazohlangana futhi maduzane.
“Kulo mdlalo sithole isifundo esinzima. “Nokho uma ubheka indlela esidlale ngayo kulo mdlalo nangowandulela lona, kawukho kangako umehluko ngaphandle kokuthi kulona singenelwe ngamagoli amane. “Kodwa sizobuya futhi sizobuya sesinamandla engeziwe,” kusho uZwane. Uthi ngeke nangengozi abatalabhe abadlali bakhe ngoba bazamile ukwakha amathuba, kwala khona. “Ngeke ngibathethise (abadlali). Umdlalo siwuthwale wonke, empeleni besidlala emngceleni wabo. “Sibe neshwa kulo mdlalo ngoba sakhe inqwaba yamathuba okukhona kuwona nephenathi, kodwa kwabheda.“Kodwa-ke kakukho esingakwenza, sizohlala sibuke amaphutha esiwenzile besesiwalungisa.” senzos@ilanganews.co.za