Ithandazela nokuba uNkulunkulu avume neNedbank Cup
SENZO SOKHELA
WENZA isethembiso kubalandeli be-Orlando Pirates ngomqhudelwano weNedbank Cup ukaputeni wayo, u-Innocent Maela. IBucs izobhekana n eSekhukhune United kowamanqamu weNedbank Cup ngoMgqibelo ngo- 18h00 eLoftus Stadium, ePitoli. Lomdlalo usho lukhulu kubalandeli beBucs kwazise uzobeka le kilabhu ethubeni lokunqoba izinkomishi ezimbili ngale sizini. Kuzokhumbuleka ukuthi iBucs iyivule kahle isizini inqoba isicoco seMTN8, lapho yehlule khona AmaZulu FC ngo-1-0 wegoli likaMonnapule Saleng eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Kungenzeka iyivale kahle ngeNedbank Cup njengoba iyizimfivilithi ukunqoba lesi sicoco. “Engifuna ukukuthembisa abalandeli bethu wukuthi kulo mdlalo bazobona iqembu elehlukile, elidlala ngokuzinikela ngenhloso yokubanqobela le nkomishi.
“Bazobona ikilabhu edlala ngokubambisana. Uma uNkulunkulu evumile, sizowunqoba lo mdlalo, kodwa okumqoka kunakho konke wukuqinisekisa ukuthi isu lomqeqeshi sihlala kulona njengoba linjalo. Uma senze kanjalo, noma kanjani sizowunqoba lo mdlalo,” kusho uMaela. La makilabhu atholana nje, asanda kubhuquzisana koweDStv Premiership ogcine uphele zibambene ngo-1-1 e-Orlando Stadium, eSoweto, emasontweni ambalwa edlule. UMaela uthi: “Umdlalo weligi nowenkomishi yimiqhudelwano emibili engefani. “Siwuhlaziye kahle umdlalo, sathatha okuhle kuwona, sabona nalapho esenze khona amaphutha. “Siyakwazi esikuyela kulo mdlalo wamanqamu. Kufanele sisebenzise amagalelo esinawo ukunqoba lo mdlalo.
“Siyazi ukuthi nabo banabadlali abaseqophelweni eliphezulu, kodwa kufanele thina sisebenzise amandla ethu ukwedlula awabo. “Silindele umdlalo osezingeni eliphezulu, kodwa ngifuna ukubathembisa abalandeli bethu ukuthi siyobalwela kulo mdlalo. “Sizokwenza ngawo wonke amandla ukubanqobela inkomishi yesibili,” kusho uMaela oyibamba emuva ohlangothini lwesokunxele kwiBucs eqede ilele isibili kwiDStv Premiership.