Isethembiso sikaDolly kubathandi beChiefs

737

Uthandazela ukuthi bangalimali benoBilliat amuzwa ngaphakathi

SENZO SOKHELA

UKEAGAN Dolly oshaye amagoli amabili iChiefs ibhubhisa iChippa United ngo-4-0 koweligi ngoMgqibelo eGoli. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UKEAGAN Dolly oyisilomo seKaizer Chiefs obukeka ezelwe kabusha kulezi zinsuku njengoba evutha engabaselwe, udalula imfihlo ngobudlelwano bakhe noKhama Billiat naye osekhombisa ukuvuka emaqandeni.

IChiefs inenebule iChippa United ngo-4-0 koweDStv Premiership ngoMgqibelo kusihlwa eFNB Stadium, eSoweto. UDolly odlala esiswini kwiChiefs, ube yiqhawe kulo mdlalo evalela amagoli amabili, amanye eza noBilliat noLazarous Kambole okuthiwa usohlwini lwabadlali abazochithwa yile kilabhu.

UDolly noBilliat bakhumbuze abathandi bakanobhutshuzwayo ingcwenga yebhola abebeyidlala besekwiMamelodi Sundowns. 

UBilliat uke wagxekwa ngokushaya into ephansi kangangoba abalandeli bese bemenza inhlekisa bethi iChiefs isayinise uBilliat okungesiyena. UDolly uveza ubudlelwano anabo noBilliat akholwa wukuthi busazobhubhisa kwiDStv Premiership.

“Okokuqala nje ngithanda ukubonga ozakwethu ngendlela esidlale ngayo kulo mdlalo, besizinikele. Abafana bebelwa kanzima kusuka ejimini. Besakha inqwaba yamathuba kodwa singawavaleli. 

“Uma ngikhumbula kahle ngike ngasho phambilini ukuthi uma sike saqala sabhakuzisa inethi ngeke kusama lokho, kuzoqhubeka unomphelo, okuyinto esiyikhombisile kulo mdlalo.

“Ngiyajabula ngoba siphe usihlalo wekilabhu isipho esimnandi kuwusuku lwakhe lokuzalwa (uKaizer Motaung ubehlanganisa iminyaka ewu-77 ngoMgqibelo). 

“Okumqoka kunakho konke wukuthi sonke sidlale ngokubambisana kulo mdlalo. Imfihlo yami ngobudlelwano bami noBilliat wukuthi ngimqonda kahle ukuthi uyinhloboni naye ngokunjalo uyangiqonda.

“Uma egebha ngiyazi ukuthi kufanele ngenze njani kanti noma ngiphethe ibhola uyazi ukuthi yini okufanele ayenze. 

“Ubudlelwano bethu buqale sisekwi-Ajax Cape Town ngakho-ke ngimazi njengoba ngizazi naye ngokunjalo uyangazi. 

“Ngiyathandaza nje ukuthi kungabi khona olimalayo phakathi kwethu ngoba sisazobhubhisa abantu. Kusazobonakala inqwaba yamagoli. Kodwa-ke ngiyalibongela nje lonke iqembu sidlale ngokuzinikela,” kusho uDolly.

Previous articleIngebhe ngethuna lenyanga engcwatshwe esigodlweni sayo
Next articleSimuncu isimo bedilizelwa izindlu