Isethembiso sikaLorch kubalandeli ngeChiefs

191

SENZO SOKHELA

UQINISA idolo abalandeli be-Orlando Pirates uThembinkosi Lorch (osesithombeni) ongesinye sezithandwa zabalandeli bale kilabhu ezobhekana
nezimbangi zayo ezinkulu, iKaizer Chiefs koweDStv Premiership kusasa ngoMgqibelo ngo-15h30 eFNB Stadium, eSoweto.

IBucs iya kulo mdlalo nje, ihambela phezulu njengoba iqede ishobolo lokunganqobi iguqisa iSekhukhune United
ngo-1-0 koweligi ngoLwesibili ebusuku e-Orlando Stadium, eSoweto. 

ULorch – odlala esiswini kwiBucs – uqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo. 

“Lo mphumela uzosikhuthaza njengoba siya kwiChiefs ngempelasonto. 

“Kuzoba wumdlalo onzima ngoba siyobhekana nezimbangi ezinzima.

“Engizokwethembisa abalandeli bethu, ngamaphuzu amathathu. 

“Noma kanjani siya kulo mdlalo ukuyonqoba,” kusho uLorch.

Thembinkosi Lorch of Orlando Pirates during the DStv Premiership 2023/24 football match between Cape Town Spurs and Orlando Pirates at Cape Town Stadium on 1 November 2023 ©Ryan Wilkisky/BackpagePix
Previous articleSitholwe nengane emhlane isidumbu sowesifazane “obulawe” yisoka
Next articleMayibhekisiswe imigomo nemithetho kahulumeni ngaphambi kokwethulwa