LUCKY CAIN
UTHEMBISE ukubuyisa iSABC Crown Gospel Awards KwaZulu-Natal, undunankulu wakulesi sifundazwe, uMnu Thami Ntuli, enkonzweni yomngcwabo yomsunguli walo mcimbi, uZanele LaMbokazi Nkambule ebise-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini, ngoMgqibelo. UZanele ungcwatshwe ngokwezinga likahulumeni wesifundazwe ngoMgqibelo, emathuneni aseMariannhill, ePinetown, ngoMgqibelo.
Kule nkonzo, uNtuli obeyisikhulumi sosuku, wenze isethembiso sokuthi kumele lo mcimbi obusufudukele eGoli, ubuyiselwe KwaZulu-Natal. Uthe lo mcimbi uneqhaza elimqoka ukuthuthukisa isifundazwe kwezokuvakasha nakwezomnotho. Ufanise uZanele nabesifazane baseBhayibhelini, uDebra no-Esther. Uthe laba besifazane bakwazi ukwenza izimanga ngemisebenzi yabo njengoba kwakuyibona abebenombono futhi kunabesilisa abebencela kubona ulwazi.
Uchaze uZanele njengowesifazane obenombono wokuthuthukisa nokufukula abanye.
Bekuqala ngonyaka odlule ukuthi umcimbi weSABC Crown Gospel Awards, wenzeke ngaphandle kwesifundazwe.
ILANGA lithole ukuthi nakulo nyaka lo mcimbi uzokwenzelwa eGoli njengoba uZanele edlule emhlabeni esewaqalile amalungiselelo awo, nokuthi besekuvuliwe ukuba abaculi baqale bafake imingenelo ngenhloso yokuthi baqokwe kumaCrown.
Okhulumela iWorld Gospel Powerhouse ehlela lo mcimbi, uMfu Sithembiso Mtshali, kule nkonzo yomngcwabo uthembise ukuthi lo mcimbi uyaqhubeka nakulo nyaka. Uthe bazimisele ukuwenza ube sezingeni eliphezulu ngenhloso yokuhlonipha umsunguli wawo. Unxuse abaculi ukuba baqhubeke nokufaka imingenelo. Uqhube ngokuthi bazimisele ukuhlangana nondunankulu ngenhloso yokucaba indlela eya phambili ngalo mcimbi, kodwa ukuvezile ukuthi kulo nyaka uzobuyela eGoli.
lucky.cain@ilanganews.co.za