Isexwayiso kwabanganelisekile ngemiphumela yokhetho

192

BHEKI NDLOVANA

KUDONSWE ngendlebe abangenelisekile ngemiphumela yokhetho emenyezelwe yi-IEC ngeSonto ngokuthi kakufuneki ukwenza izinsongo nokusabisa. Ithimba lezobulungiswa elididiyelwe  ukunqanda ubugebengu nezokuphepha, iJustice, Crime Prevention and Security (JCPS), lithi kakudingeki ukusabisa uma kukhona abangenelisekile ngemiphumela yokhetho lukazwelonke nezifundazwe obelungoLwesithathu mhla ka-29 kuNhlaba (May).

Liqinisekise abantu baseNingizimu Afrika ukuthi izinhlaka zezokuphepha zikulungele ukugcina ukuthula nozinzo ezweni nje-ngoba zenzile nangosuku lokhetho.

NgeSonto uMnu Bheki Cele (osesithombeni)  ongungqongqoshe wezamaphoyisa, okwamanje, kuze kukhethwe uhulumeni omusha – oyingxenye yaleli thimba – uqinisekise abantu baseNingizimu Afrika wathi ngeke kubekezelelwe nanoma yimuphi umzamo wokuphazamisa ukusebe-nza kwezwe nokubukela phansi umthethosisekelo walo.

Minister Bheki Cele listens to community members of Krugersdorp talk problems they are faced with when it comes to police and zama zamas Picture: Ziphozonke Lushaba

Uthe ithimba lezinhlaka eziqondene nokuphepha ezweni, iNational Joint Operational and Intelligence Structure (NATJOINTS), selibazisile ukuthi likulungele ukuqinisekisa ukuthula ezweni nangemuva kokhetho njengoba lenzile ngosuku lokuvota. Leli thimba lisho kanjena nje, owayengumengameli wezwe – osengumholi weMK Party – uMnu Jacob Zuma wexwayisile ngoMgqibelo wathi i-IEC mayingayimemezeli imiphumela yokhetho ngeSonto ngenxa yezikhalo zeqembu lakhe namanye amaqembu. UZuma uthe ukuqhubeka nokumemezela imiphumela kuzocasula abantu.

NgeSonto, uNkk Thandi Modise, ongungqongqoshe wezokuvikela (okwamanje), uthe bebengakaze bakhulume neMK Party ngalokhu kuphawula kukaZuma. Nokho uthe phambilini babenxusile ukuthi kube nokuthula. Ugcizelele ukuthi bonke abantu bakuleli banamalungelo afanayo, wathi omunye kufanele ahloniphe ilungelo lomunye. 

bhekin@ilanganews.co.za

Previous articleKuvuke elinye icala “enkosini” esolwa ngokudlwengula isihlobo
Next articleAmaqembu abamnyama yiwona avimbe nenkululeko yabamnyama