Isexwayiso somkhuzi wamaphoyisa ngenxa yokuchitheka kwegazi

221

SKHOSIPHI MTHEMBU

UKUCHITHEKA kwegazi lamalungu ezinhlaka eziqapha umphakathi sekwenze uMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uNhlanhla Mkhwanazi (osesithombeni) waxwayisa ngokuthi kumele abaqapha umphakathi basebenzisane namaphoyisa, bangazibambeli izigilamkhuba. Lesi sexwayiso usikhiphe ngoLwesihlanu ngesikhathi enesigcawu nabezindaba ekomkhulu lamaphoyisa esifundazweni ngenhloso yokwenaba ngebanga eselihanjwe ngamaphoyisa mayelana namacala amqoka, okubalwa kuwona awokubulawa kosopolitiki namakhosi. 

Uchaze nangokuqhubekayo mayelana namaphoyisa atshalwa kulesi sifundazwe ngaphambi kokhetho olwalungomhla ka-29 kuNhlaba (May). Uthe iyabakhathaza indaba yokubulawa kwamalungu ezinhlaka okubalwa kuzo iNeighbourhood Watch neCPF. 

Usho lokhu nje, ngoLwesine ebusuku kudu-tshulwe kwabulawa uMnu Clement Magwaza KwaBester, eNanda, oyilungu leNeighborhood Watch kule ndawo. Ukubulawa kukaMagwaza kulandela okwamanye amalungu eNeighbourhood Watch yaseNanda, okubalwa kuwo uMnu Bravo Ntshangase, uMnu Delani Mbambo, uMnu Avela Nomphahla owadutshulwa esenkundleni edlalisa ibhola,. 

Abadutshulwe eminyakeni edlule abanga-malungu eNeighbourhood Watch kubalwa uMnu Bheki Nkabinde, uMnu Tsiri Muloyi owadutshulwa ekwakhe eNanda, uMnu Mbeko Xongwa noMnu Lucky Ntenga. “Okwabo wukuba basheshe baxhumane namaphoyisa aphuthume uma bebona kukhona okwenzekayo kuleyo ndawo. Izigilamkhuba zibulala ngisho amaphoyisa asuke enethuluzi lokuzivikela, kangakanani-ke kumuntu osuke engenakho okokuzivikela, yingakho sithi kumele besebenzisane nathi ukuze bengazitholi sebelimala noma bebulawa. Udaba lwaseNanda siyalwazi; ngesonto eledlule kunomsolwa owadubulana namaphoyisa washona. Ubefunelwa amacala awu-5 okubulala,” kusho uLt General Mkhwanazi.

Mayelana nokusebenza kwamaphoyisa, uthe kusukela ngoMbasa (April) kulo nyaka, bawu- 35,145 abantu ababoshiwe, kubona abawu 11,192  baboshelwe amacala abucayi, ahlanganisa awokubulala, ukudlwengula nokushaya. Uthe kutholakale izibhamu ezingekho emthethweni ezibalelwa ku-953. 

Uveze ukuthi ithimba ebeliphenya amacala okubulawa kosopolitiki, lijutshwe ukuba liphenye nangamacala okubulawa kwamakhosi, kanti zikhona nezithelo kulokhu njengoba sekuboshwe abasolwa ababili ecaleni lokubulawa kweNkosi yakwaMlaba, eCamperdown.

 skhom@ilanganews.co.za

Previous articleUboshwe “neshende” ogonyuluke ngokubulala umnakwabo efuna amafa
Next articleUKomphela uzilindele izivuvaba kwiDowns