LUCKY CAIN
ISABISA ngokubuyela enkantolo inkampani yesihlabani somculi uNomcebo Zikode, ngenxa yokuhudula izinyawo kwenkampani i-Open Mic Productions, ukuxazulula udaba lwemali yengoma eyaduma umhlaba wonke, esihloko sithi, “Jerusalema,” ayenza noMaster KG. Sekuphele cishe iminyaka emibili kunomdonsiswano phakathi kukaNomcebo nale nkampani, (i-Open Mic Productions) mayelana ngale ngoma, njengobalo mzwilili waphumela obala ngokuthi kawukaze uthole ngisho indibilishi ngayo. Ngonyaka owedlule ngemuva kokuba uNomcebo ebabele enkantolo ukuze athole okungokwakhe, inkantolo yanquma ukuthi lo mculi nale nkampani, baxazulule le nkinga ngokwabo, bafinyelele esivumelwaneni.
Ngokusho kwemenenja yalo mculi, uSibo Mhlungu, ithe kusukela kwavela lesi sinqumo enkantolo, i-Open Mic kayikaze ixhumane nabo, icacise ukuthi izoxazululeka kanjani inkinga. UMhlungu uthe akuyona ingoma iJerusalema kuphela umculi wakhe angatholanga lutho ngayo, nenye esihloko sithi, “Xola Moya Wam,” yileso. UMhlungu uthe kuyamkhathaza ukuthi njengoba kungakaze kuxoxiswane, kodwa le nkampani isikwazi ukuphumela obala, isabalalise ukuthi konke sekulungisiwe phakathi kwayo noNomcebo. “UNomcebo usakulangazelele ukuxazulula udaba ukuze akwazi ukuqhubeka nokukhiqiza umculo. “Kaseneme ngesenzo sale nkampani sokuhudula izinyawo ukuxazulula lolu daba njengoba sayidlulisa yonke imininingwane eyabe idingeka ukuze konke kulungiseke,” kusho uMhlungu.
Usabise ngokuthi uma le nkampani iqhubeka nokuhudula izinyawo, bazobuyela enkantolo. “Uma singayitholi impendulo emasontweni ambalwa ezayo, sizobuyela enkantolo ngoba kuyacaca ukuthi kayizimisele ngokuxazulula,” esho. UNomcebo usanda kuba sematheni ngendondo yeGrammy noZakes Bantwini noWouter Kellerman. Laba bamukelwe ngenkulu inhlokomo ngesikhathi betheleka esikhumulweni sezindiza e-OR Tambo nalezi zindondo ezinkulu zomculo emhlabeni jikelele.