Ishaqwe “ibuya enyangeni” inkosikazi kwelokufa kwephoyisa

1843

SKHOSIPHI MTHEMBU

INHLANZI ishelwe ngamanzi enkosikazini yephoyisa elabulawa elabulawa emzini walo kwaS, eMlazi, eshaqwa ngoKlebe. Kubikwa ukuthi inkosikazi kaCapt Thomas  Ntombela obeyiphoyisa kuMasipala weTheku – ngaphansi kophiko lweVIP protection – uboshwe ekwaV, eMlazi engazelele, ehamba ngeMercedes Benz yalo iphoyisa. 

ILANGA libikile ngoLwesine olwedlule ngokubulawa kukaCapt Ntombela, lapho kuvele ukuthi inkabi enguMandlenkosi “Mzo” Ntombela igonyulukile, yàsho nokuthi yayithunywe yinkosikazi yalo iphoyisa nowesilisa oyisiboshwa odonsa isigwebo. UMandlenkosi ugetshwe iminya ewu-20 ngalesi senzo. 

https://ilanganews.co.za/inkabi-yayithuny…yisa-ukulibulala/ ‎

Leli phephandaba lihabule ngomthombo walo ukuthi inkosikazi kamufi ibikade iphuma esibhedlela emuva kokuba ingeniswe ngeledlule ngoba ithi kayiphilile. Umthombo uhlebele ILANGA ukuthi iphume esibhedlela yalibangisa enyangeni thizeni eMpangeni. Uthe kwenzeka konke lokhu nje, oKlebe bayelusile inkosikazi, okuthe isibuya, bamshaqa. 

Umthombo uthi emotweni kutholakale ummese nemithi, okusolwa ukuthi ibilande yona enyangeni. Okhulumela oKlebe KwaZulu-Natal, uSimphiwe Mhlongo, ukuqinisekisile ukuboshwa kowesifazane ngecala lokubulawa kukaCapt Ntombela, wathi uzovela maduze enkantolo.

Previous articleUsesitokisini umzali ohlasele umfundi (10) esikoleni
Next articleUphenduke undabizekwayo oweBafana