Ishayekile iRBM ngenxa yodungunyane

715

Le nkampani ikhiphe isitatimende ichazela amamkhasimende ayo ngokuphazamiseka komkhiqizo

Yingxenye yendawo eseRichards Bay labo kusebenzela khona abakwaRBM

THANDEKA NGOBESE

ISHAYE kwezwela enkampanini ephethe imayini, iRichards Bay Minerals (RBM), eRi-chards Bay, imibhikisho enodlame yamalungu emiphakathi le mayini esebenza kuyona, njengoba isikhiphe isitatimende yazisa amakhasimende ayo ukuthi angethuki uma ihluleka wukugcina izivumelwano nawo, inkinga akusebenzeki ngenxa yezidubedube. 

IRio Tinto ephethe iRBM, ithe ibone kungcono ikhiphe lesi sitatimende, ichaze ukuthi ibhekene nesimo esingaphezu kwamandla, angathuki uma umkhiqizo ewu-thola ungaphelele noma engawutholi. 

Ithe ukungabikhona kozinzo kuqale ngesikhathi kubulawa ngesihluku enye yezimenenja zaseRBM, uMnu Nico Swart, emuva kwalokho kwashiswa imishini emine kanti kunemibhi-kisho evele iqubuke esithubeni, kuvalwe imigwaqo kungabe kusasebenzeka. 

Imenenja engumqondisi eRBM, uMnu Werner Duven-hage, ithe ngo-2020 le mayini yafaka u-R8 billion emnothweni wezwe, kodwa kulo nyaka babona izofaka imali engaphansi kakhulu ngenxa yolokhu kuphazamiseka. 

“Le mali esiyifaka emnothweni ihlanganisa namathuba emisebenzi esiwadalile kubantu aba-wu-5 000 nentela esiyikhokhela ohulumeni basemakhaya nokazwelonke. 

“Le mali igcina seyisiza leli lizwe ukulungisa imigwaqo, amabhuluho, izikole nezibhedlela. Ngonyaka ofanayo, sasiza imiphakathi ohlelweni olubizwa nge-social and labour plans olulekelela amaprojekthi emipha-kathi eyahlomula emalini ewu-R43 million. 

Ngawo u-2020, i-RBM yenza umkhiqizo wempahla nezinye izidingo zokusebenza ezilingani-selwa ku-R5.5 billion kanti u-R1.5 million siwuchithe ukweseka amabhizinisi angaphansi kukamasipala wendawo (UMhlathu-ze),” kusho uMnu Duvenhage. 

Uthe yize bezama ukuqhamuka noshintsho emiphakathini abasebenzela kuyona, kodwa ukuphepha kwezisebenzi zabo noso-nkontileka nakho kubaluleke kakhulu kubona. 

“Yingakho sinqume ukumisa ukusebenza kwezinye izingxenye zeRio Tinto. Siyakujabulela kakhulu ukwesekwa wuhulumeni wesifundazwe nokazwelonke, amaphoyisa, yizinyunyana namanye amalungu omphakathi. 

“Siyakholwa wukuthi labo abavubela udungunyane nobugebengu bazosithola izijeziso esibafanele. Sithemba ukuthi kuzoqhubeka ukusebenzisana okuhle nezinhlaka zonke ukuxazulula iznkinga esingaba nazo,” kusho uMnu Duvenhage.

 Le nkampani isebenza nga-phansi kwezizwe ezine, okungesakwaMkhwanazi (KwaDlange-zwa), esakwaDube, esakwaMbu-yazi nesakwaSokhulu. 

INkosi Mandla Mkhwanazi ithe uma ithumba lishisa umnikazi, yinye into okumele ayenze, wukulikhama likhiphe udoti. 

“Inkinga ekhona ngeRBM wu-kuthi silokhu sizwa ikhalela le kude, kodwa kayisondeli kithina kuhlalwe phansi kukhulunywe. 

“Ukuhambela kude kwayo ku-sitshela ukuthi kukhona ekwaziyo okuwukungahambisi izinto ngendlela, okuyenza ingafuni ukuzokhuluma nathi. 

“Imisebenzi kayikho, kangikholwa ukuthi abantu besazi isimo sokuswela imisebenzi esikhona, bangavele babhikishe nje kungekho sizathu esizwakalayo. IRBM mayize kiuthina kuxo-xwe,” kusho iNkosi Mkhwanazi. 

Imizamo yokuthola iNkosi Mfanazonke Dube nebambabu-khosi lakwaMbuyazi, uMartin, iphunzile njengoba izingcingo zabo bezingangeni. 

thandeka.ngobese@ilanganews.co.za

Previous articleZiyadloba izibhelu zaseSwazini
Next articleIkhomishana kaZondo izogoqa umsebenzi ngoMandulo