iSibhedlela sizoqinisa amabhawodi ukuvika i-covid19

707

SEBEPHEFUMULILE abeNetcare Group, okuyinkampani isi-bhedlela iSt Augustine’s, eThekwini, esingaphansi kwayo, kulandela ukushona kweziguli ezintathu ebezelashwa kusona ubuthaka ngenxa yobhubhane i-Coronavirus.

UDkt Richard Friedland, oyisikhulu esengamele kwaNetcare Group, kuthe ngoLwesihlanu olwedlule wathumela kwabezindaba lesi sitatimende esilandelayo:

“Emahoreni awu-72 adlulile, ngeshwa kudlule emhlabeni iziguli eziwu-3 ngenxa yegciwane, iCovid-19, esibhedlela iSt Augustine’s. Sidlulisa amazwi enduduzo asuka ekujuleni kwezinhliziyo zethu kwabathandiweyo babo kulesi sikhathi esinzima.

“Ezimbili zalezi ziguli zamukelwa okokuqala esibhedlela mhla ka-9 nangomhla ka-13 kuNdasa (March) ngokulandelana, kwathi esesithathu samukelwa mhla ka-14 kuNdasa.

“Lezi ziguli kazinawo umlando wokuhambela emazweni angaphandle noma wokuhlangana nomuntu obesehaqekile yigciwane iCovid-19, futhi bezingakhombisi zimpawu zeCovid-19 ngesikhathi zihlolwa zingeniswa esibhedlela.

“Lesi simo sesiholele ekutheni abeNetcare neSt Augustine’s ngokubambisana noMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, benze isinqumo sokuba zihlolwe ukuthi kazikahaqwa yigciwane iCovid-19 zonke izisebenzi zezempilo nabasizi bazo okungenzeka ukuba bahlanganile nalezi ziguli. 

“Ngokushesha senze konke kwama ngomumo, kubandakanya nokuvalwa kophiko lwezimo eziphuthumayo kanjalo nokumisa ukwamukelwa kweziguli ezintsha esibhedlela. Kukhona futhi nombhidlango osuqaliwe wokuqinisa izinyathelo zokuqaphela nokuqikelela ukulandelwa kwazo okuzokwenziwa kaningana ngosuku.

“Ngenxa yokuba abantu ngisho sebehaqekile yiCovid-19 kuvamile ukuba bangakhombisi zimpawu noma bakhombise izimpawu ezimbalwa kodwa bangabathelela abanye, iNetcare yenze isinqumo sokuqapha ingozi ngokunyusa izinga lokuhlola abahlengikazi, yizisebenzi ezisizayo nezinezi-nkontileka, odokotela, ama-paramedics kanjalo neziguli ezikhona njengamanje eNetcare St Augustine’s Hospital, ukuze kubonakale ukuthi bahaqekile noma kabahaqekile yiCovid-19.

“Ukuhlola kuzolekelela isibhedlela ukuba sikwazi ukuhlukanisa iziguli nezisebenzi zesibhedlela okusolekayo noma osekuqinisekisiwe ukuthi sebethelelekile yigciwane iCovid-19, kanjalo nokuthungatha bonke abantu abakade behlangene nezisebenzi noma neziguli ukuze kuqinisekiswe ukuthi bayahlolwa nokuthi bathatha izinyathelo ezifanele zokuqapha ingozi ukuze kunqandwe ukubhebhetheka kwalo. 

“Ukuhlolwa nsukuzonke kwezisebenzi, odokotela nezisebenzi ezinezinkontileka kuzoqhubeka ngaphambi kokuba bavunyelwe ukungena esibhedlela. Lokhu kuzokwenza kusheshe ukuhlonza nokuhlolwa kwabantu abase-ngcupheni abebengenazo izimpawu ezinsukwini ezedlule. 

Abaphathi besibhedlela kumanje basembhidlangweni wokuchazela iziguli ezelashwayo eSt Augustine’s Hospital nokuxhumana nezihlobo ukuze zichazelwe ngesimo nangezinyathelo okumele zithathwe. 

Abaphathi bakwaNetcare nabeNetcare St Augustine’s Hospi-tal balokhu bexhumene njalo futhi bazosebenzisana noMnyango wezeMpilo ukuze kunqandwe ukubhebhetheka kwegciwane.”

Previous articleKunesifundo esimqoka esibonakala nge-lockdown
Next articlengebhe yokusondela kobusika nge-corona