Isibophezelo sikamasipala kuboshwa izisebenzi ngenkohlakalo

250

NONHLAKANIPHO SHINGA

UZWAKALISE eyokuzimisela ngokusebenzisana nabomthetho uMasipala waseMthonjaneni ukuqisisekisa ukuthi udaba lwezisebenzi zawo ezimbili eziboshwe ngoKlebe ngeledlule, luhamba ngendlela.  Lezi zisebenzi ziboshelwe izinsolo zenkohlakalo yokudasyisa izincwadi zokushayela.

Ngokusho kukaLt-Col Simphiwe Mhlongo okhulumela oKlebe KwaZulu-Natal, abasolwa bayingxenye yabantu abahlola abasuke beyothatha izincwazi zokushayela esikhungweni salo masipala esiseMelmoth.

“Abasolwa bebesebenzisana ekuqinisekiseni ukuthi abebefuna izincwadi, kabalandeli imigudu efanele yokubhala, kepha bebevumela abazobabhalela ukuze baphumelele. Bona bebekhokhelwa u-R2 500 umuntu ngamunye,” kusho yena.

Uthi abasolwa bacetshwe eMnyangweni wezokuThutha KwaZulu-Natal, baphenywa – njengoba begcine beboshiwe. 

“Phezu kwalaba, kuboshwe abanye abawu-9, abayingxenye yabathola izincwadi bebhalelwe izivivinyo, kanti nabo babhekene namacala enkohlakalo,” kusho yena.

Okhulumela uMasipala waseMthonjaneni, uMnu Siyabonga Masoka, uthe bazosebenzisana noKlebe njengoba beqhuba uphenyo.

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Handcuffed Prisoner
Previous articleKukhuthazwa inhlanzeko ukugwema izinyoka ezichanasa ehlobo
Next articleIngxabano ka-principal nomzali yenze umfundi wazama ukuzibulala