Isicelo ezivakashini ezizodla amponjwana esiqiwini

277

NONHLAKANIPHO SHINGA

BASHAYA indesheni ezivakashini ezizobe zihambele isiqiwu namabhishi abo abeSimanga Wetland Park, okuyisiqiwu esikhulu eNingizimu Afrika esiqala eMtubatuba, siyophelela KwaMhlabuyalingana – ukuba bangalahli budlabha imfucuza egcina ikhinyabeza imvelo.

UNkz Thandi Shabalala, oyi-tourism, brand and marketing manager eSimangaliso, (osesithombeni) unxuse izivakashi ukuba zingahambeli izindawo ezinamanzi uma sezikhothe 
kwezikaFaro. Uthe enye inkinga ababhekana nayo, ngabantu abalahla imfucuza noma kuphi uma behambele isiqiwu, okubeka 
izilwane engcupheni.

“Siyacela labo abahambela ipaki bangalahli imfucuza ngaphakathi, mabaphume nayo, bayilahle ngaphandle ukuvikela izilwane ezikule ndawo yethu,” kusho uNkz Shabalala.

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Previous articleUncishwe ibheyili ovundululwe eMpumalanga ngelokubulala iphoyisa
Next articleLilanyulelwe ngamaphoyisa litalajwa ilungu lesitokofela elilahle u-R250 000