BHEKI NDLOVANA
UNXUSE abaSamariya abanesihawu ukuba baphonse esivivaneni, kulekelewe imindeni esale dengwane ngenxa yomlilo obhubhise ezindaweni ezahlukene zaKwaZulu-Natal undunankulu wakulesi sifundazwe, uMnu Thami Ntuli (osesithombeni) obenesigcawu nabezindaba namhlanje ngoLwesibili, eThekwini. Unxusa ukuba umphakathi nosomabhizinisi banikele, ikakhulukazi ngezingubo zokugqoka nezinye izimpahla zasendlini njengefenisha.
Unxuse umphakathi ukuba uqaphele umlilo futhi ugweme ukushisa emaqeleni, wathi nababhemayo mabaqaphele uma belahla izinqamu zogwayi. “Labo abasebenzisa izitofi zikapharafini, amakhandlela nezimbawula, sicela ningashiyi lezi zinto zodwa,” kusho uMnu Ntuli.
Uzwakalise ukukhathazile ngezigameko zakamuva zomlilo wequbula obonakala uqhubeka, udicilela phansi impilo yabantu abaningi, kwashona abaningi. Umlilo wakamuva – oshiye kukhalwa – uqubuke kule mpelasonto eBoston, ngaphansi kukaMasipala uMngeni. Lomlilo welama oqubuke ezindaweni ezingaphansi kukaMasipala uMlalazi nowaseNkandla, nawo oshiye kukhalwa.
Kugadla lezi zigigaba nje, bekusakhalwa ngesishingisane esihlasele ngoNhlangulana (June) oThongathi, sadala umonakalo owesabekayo. Ngokusho kukaNtuli, ukulungisa umonakalo odalwe yilesi sishingishane kuzodinga u-R2,3 billion. Kazikaziwa izindleko ezidalwe wumlilo ezindaweni ezahlukene kulesi sifundazwe.
UNtuli uveze ukuthi bawu-14 abantu asebeshonile kulezi zigameko zomlilo, kanti bawu-25 abalimele kanzima, abasalashwa ezibhedlela. Kayikakaziwa imbangela yalezi zigameko zomlilo, kodwa uNtuli uthi bafuna ukuba amaphoyisa enze uphenyo olunzulu.