Isicelo sikaRamaphosa kwabakuleli ngohulumeni we-ANC

291

INTATHELI YELANGA

UNXUSELE i-ANC kwizakhamizi zaseNingizimu uMnu Cyril Ramaphosa ongumengameli waleli qembu, wathi mabaqhakambise imisebenzi emihle eyenziwewuhulumeni kaKhongolose, bayeke ukukhuluma kabi ngezwe labo. Lokhu ukusho kade ehlangene nabezindaba ezinsukwini ezimbalwa ezedlule, eThekwini.

Uthe abantu kumele babe “yizithunywa” ezisabalalisa izindaba ezinhle ngohulumeni, bafane nabaseChina.  Uqhube ngokuthi eChina, cishe bonke abantu bayizithunywa ezifafaza izindaba ezinhle ngezwe labo, wathi kabalokothi bakhulume kabi ngalo. 

“Ungalinge ukhulume kabi ngezwe lakho,” kusho yena.

Uthe kunabantu osekuwumdlalo kubona ukuhamba bekhuluma kabi ngezwe. Unxuse ubumbano ekuvikeleni izinto esezenziwe yizwe kusukela kwangena uhulumeni wentando yeningi. Uveze ukuba nethemba lokuthi i-ANC izonqoba okhethweni lukazwelonke ngonyaka ozayo. 

*TIMESLIVE 

Previous articleI-World Bank nesexwayiso kwiNingizimu Afrika ngobugebengu
Next articleUcebisa abazali ngokwelukwa kwezingane