MFANAFUTHI NDLOVU
UNXUSE abalandeli bekilabhu yakhe ukuba bazethembe izinqumo ezithathwa wubuholi bayo umnikazi weRichards Bay FC uSifiso “Jomo” Biyela, kwazise bafuna ukuyibona ithola imiphumela emihle ngaso sonke isikhathi. UBiyela wethule ngokusemthethweni uBrandon Truter (okwesokudla) osengumqeqeshi omusha wale kilabhu ngoLwesine ekuseni ejimini yayo eRichards Bay.
Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi ukholwa wukuthi konke kuzohamba kahle kule sizini abazoyiqala behambela phezulu njengoba besanda kuthola uxhaso luka-R100 million kwiPhakwe Gas kanti u-R60 million wale mali uzosiza iBay iminyaka emithathu. U-R40 million kwathiwa uzobhekana nokuthuthukisa ingqalasizinda yale kilabhu yokuzicija. UTruter uthathe indawo kaVusumuzi “Kanu” Vilakazi (okwesokunxele) ohlukane nale kilabhu ngoMsombuluko.
“Sijabule sonke ekilabhini ngokuhlabana ngoTruter, sikholwa wukuthi ngeke abhekane nobunzima ekuhlanganiseni inqanawe yekilabhu. Bekumele sithole umqeqeshi ngokushesha kwazise abadlali sebeqalile emsebenzini,” esho.
UTruter ukwazile ukubona kancane okuphethwe ngabadlali beBay njengoba le kilabhu beyinomdlalo wokuzifudumeza neMaritzburg United ngoLwesihlanu eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.
Ebuzwa ngamahlebezi athi unxenxa uThulani “Cream” Serero – wodumo kwi-Ajax Cape Town ne-Ajax Amsterdam – ukujoyina ezakhe, uJomo uthe kabanazo izinhlelo zokulanda umdlali osebheke empeshenini ngoba bakholelwa ekwakheni ikilabhu ngabadlali abasebancane. Uyichithile nekaBenni McCarthy oyanyaniswa nale kilabhu. “Ngicela ukuba abalandeli bangakuvumeli ukwedukiswa, konke kusahamba ngokohlelo ekilabhini. Sisazohlangana nomqeqeshi sibheke izindawo adinga ukuba siziqinise ngoba iBetway Premiership ngeke ibelula. Okuhle wukuthi isikhathi sisenaso,” esho.
Mayelana nokuthi le kilabhu izosebenzisa iKing Zwelithini Stadium ngokufanayo namaZulu FC, uthe yinkinga okumele ibuzwe kuMasipala waseMhlathuze ukuthi izophothulwa nini inkundla yakhona ukuze bakwazi ukuyisebenzisa emidlalweni yabo yasekhaya.
Kuzokhumbuleka ukuthi uVilakazi uchithwa yiBay nje, ILANGA labika ngokuhlukana kwakhe emuva komcimbi wokwethulwa kwabaxhasi.