LUCKY CAIN
UFISA kube nezinhlelo zokugcina amaciko eqeqeshekile futhi eyimiqemane ukuze kugwemeke okuwaqhathe emidlalweni yawo ebingeSonto ezinkundleni zemidlalo eTsakane, eGoli usomabhizinisi, uNkk Nomfundo Mcoyi-Zondo (osesithombeni), ongumnikazi wenkampani yabangcwabi, Icebolethu.
Le nkampani yabangcwabi yiyona ebingabaxhasi abaqavile emidlalweni kanobhutshuzwayo ebizwa ngeJAMMIN2SOCCER Tournament, lapho bekuqhudelana khona abaculi be-gqom, i-hip-hop, umaskandi ne-gospel.
UNNK Nomfundo Mcoyi-Zondo weCelebolethu Group ebingabaxhasi beJAMMIN2SOCCER.
Le midlalo ebisiyenzeka okwesithathu kulo nyaka, kayiphelanga kahle njengoba kube nezinxushunxushu, kubangwa ukungalandelwa kwemithetho ngamanye amaqembu. Okube seqhulwini kule ngxabano wukufakwa kwabadlali abangewona amaciko, abanye babo okuthiwa bangabadlali bakanobhutshuzwayo ngokugcwele.
UNkk Mcoyi-Zondo ekhuluma neLANGA, uthe kakubanga kuhle ngendlela le midlalo ephele ngayo, kwazise bekugcwele izinkumbi zabantu ziyoyeseka. Uthe nakuba kunjalo, usazimisele ngokuqhubeka nokuyixhasa, futhi unesifiso sokuthi ikhule, ingagcini ngokudlalelwa eGauteng, kodwa ihambele nakwezinye izifundazwe. “Indaba yokupika abadlali abangewona amaciko, ibe yinkinga, kodwa inkinga iqala ngokuthi kwesinye isikhathi amaciko kawanaso isikhathi sokuzivocavoca. Uma sekufanele adlale, kawakwazi ngenxa yokuthi kawayona imiqemane, bese kuyawaphoqa ukuba alande labo abayimiqemane ukuzowalekelela,” kusho uNkk Mcoyi-Zondo.
OKAPUTENI bamaqembu abeqhudelana. Kusukela wesobunxele nguKhuzani Mpungose, uDumi Mkokstad, uDJ Tira noBig Zulu.
Uthe kumele kugwemeke ukuthi kudlaliswe abantu abangewona amaciko ukuze abantu bakwazi ukubona osaziwayo babo begadulisana bebodwa. Kuzokhumbuleka ukuthi umdlalo wamanqamu ugcine ungakhonjiswanga kwiSABC, njengoba kwakuhleliwe, ngenxa yalezi yezinxushunxushu. Kuze kwashaya Okaputeni bala maqembu bagcine bexolisile ezinkundleni zokuxhumana.